Izindaba

UMphrofethi uTB Joshua usolwa ngokudlwengula nokuhlukumeza

Intatheli YeSolezwe|Published

UMphrofethi waseNigeria uTB Joshua ongasekho okuvele izinsolo zokuhlukumeza ezibhekiswe kuye Isithombe: Pius Utomi Ekpei

Kuvele izinsolo zokuhlukunyezwa kwabantu okukhona kuzo ezokudlwengula nokukhishiswa izisu ezibhekiswe kuMphofethi uTB Joshua waseNigeria ongasekho.

UTB Joshua owashona ngo-2021, wayedume ngezinkonzo ezazikhonjiswa kwithelevishini esiteshini i-Emmanuel TV.

Wake waba sematheni ngesikhathi kushona abantu abangu-116 – okukhona kubo nabangu-84 baseNingizimu Afrika - ebandleni lakhe ngesikhathi lidilika.

Ngokombiko weBBC uphenyo lwayo oludonse iminyaka emibili lukhomba izinsolo ezibucayi.

Ibandla likaJB Joshua iSynagogue Church of All Nations aliziphendulanga izinsolo kodwa lathi ezaphambilini azibambeki.

I-BBC ithe ezinye zezinsolo zihlanganisa:

-Inqwaba yabantu abaphumele obala bathe babeshawa bezwiswa nobuhlungu kuhlanganiswa nezingane bephinde baboshwe nguJoshua ngamaketango.

-Inqwaba yabesifazane abathi badlwengulwa kuphindelelwa ebandleni.

-Inqwaba yababephoqwa ukuthi bahushule izisu ngemuva kokudlwengulwa nguJoshua okukhona kubo noyedwa othi wakhipha isisu kathathu.

-Abantu ababethi uJoshua wayeqamba amanga ngemilingo yokwelapha eyayisakazwa kwithelevishini.

Omunye wabesifazane waseBritain, uRae wayeneminyaka engu-21 ngesikhathi eyeka imfundo yakhe ephakeme eBrighton University ngo-2002 ngesikhathi engena ebandleni. Wachitha iminyaka engu-12 njengomunye “wabafundi” bakaJoshua eLagos.

Uthe wadlwengulwa nguJoshua futhi wake wazama nokuzibulala izikhawu ezehlukene.

“Sonke sasicabannga ukuthi sisezulwini kodwa sasisesihogweni futhi kuningi okubi okwakwenzeka.”

Abanye besifazane abane baseBritain bathi babikela abomthetho eBritain ngemuva kokweqa kodwa akukho okwenziwa.