Izindaba

Kusolwa olokudliwa kwemali ngodlame lwamatekisi eMnambithi

Zimbili Vilakazi|Published

ZIHLALELE ovalelweni izakhamizi zaseMnambithi, kulandela isigameko sakamuva sokudubula okuthiwa sihlobene nodlame lwamatekisi Isithombe: NQUBEKO FM

AHLALELE ovalweni amalungu omphakathi waseMnambithi, kulandela isigameko sokudubula okuthiwa sihlobene nodlame lwamatekisi esenzeke enkabeni yedolobha ngoMgqibelo.

Kuthiwa luqale phansi udlame oluke lwabonakala ludla lubi ngaphansi kukasoseshini iKlipriver nyakenye.

Kuma-video abesabalele ezinkundleni zokuxhumana, abantu babonakale bebaleka bengena ezitolo eziseduze, bezama ukuphephisa impilo yabo.

Amalungu omphakathi wakule ndawo aphawule ngalesi sigameko ezinkundleni zokuxhumana, uMamphazima Swazi uthe: “Kwenzekeni ngempela eMnambith.”

UFaith Mbhele yena uthe: “UMnambithi awuvalwe, sekukuningi kakhulu okwenzekile.”

UMariwa Mhlanga yena uthe: “Sengathi impi eMnambithi iqala phansi.”

Kulesi sigameko, okungalimalanga muntu kuso, esiyamaniswa nodlame lwamatekisi Isolezwe lithole ukuthi udlame lumayelana nokudliwa kwemali ngaphakathi kusoseshini waseKlipriver, kanti nabahlaselwayo, yilabo abebesekomitini elidala, elihlakazwe ngasekupheleni konyaka odlule.

Okhulumela iSouth African National Taxi Association (SANTACO) KwaZulu-Natal uMnuz Sfiso Shangase, uthe isimo sisemuncu namanje.

Ukuqinisekisile ukuthi kunombango oqhubekayo ngaphakathi kusoseshini.

“Irenki okudutshulwane kuyo, isetshenziswa yibona abaseKlipriver. Umbango ungaphakathi kusoseshini. Abaholi bethu bake bangenela, bahamba baya khona, bafike bahlala inyanga yonke,” kusho uShangase.

Uqhube wathi inhloso yabo kwakungukuthi kuqhanyukwe nendlela yokuthi kubekhona uzinzo.

“Kwakukhona izinsolo zokuthi kukhona ukudliwa kwemali yikomiti ebelikhona. Lokhu kwaholela ekutheni kugcine kufakwa abacwaningi-mabhuku, laphinde lahlakazwa nalelo komiti elalikhona ngaleso sikhathi,” kusho uShangase.

Uthe manje sebeqaphela ukuthi sekuhlaselwa bonke ababeyingxenye yobuholi (kulelo komiti elahlakazwa).

Uphinde wakuvuma ukuthi bayazi ngosomatekisi odutshulwe ngoLwesine, wathi uyilungu lekomiti elisha.

Ngasekupheleni konyaka odlule, Isolezwe labika ngokushiswa komuzi womfelokazi kasomatekisi, naye owafa ngakho ukudutshulwa.

UShangase uthe sebeyekelele ezandleni zamaphoyisa ukuthi umthetho usebenze, wathi bona abangakusho nje ukuthi banxusa ukuthi kube khona uzinzo nokuthula.

Ngo-Ephreli nyakenye, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uke wahambela le ndawo ngalo udlame lwamatekisi. Kulo soseshini umbango kwavela ukuthi umayelana nokubangwa kwemizila namaphemithi okusebenza. Ohambeni lukaCele, izinhlaka ezazingaboni ngasolinye zaze zasayina isivumelwano sokubeka phansi izibhamu.