ISouth African Medical Association Trade Union (Samatu) ikhathazekile ngokuduva emakhaya kodokotela abanamakhono Isithombe: SIGCINIWE
Inyunyana yabasebenzi bezempilo iSouth African Medical Association Trade Union (Samatu) ikhathazekile ngokuduva emakhaya kodokotela abanamakhono, asebephothule ukuqeqeshwa kwabo emiphakathini.
Umbiko wocwaningo ukhombisa ukuthi bangaphezu kuka-800 odokotela abaqeqeshwe bagogoda abangasebenzi emuva kokuphothula iminyaka yabo emibili yokuqeqeshwa ngokusebenza ezikhungweni zezempilo kanye nowodwa wokusebenzela umphakathi.
Le nyunyana esitatimendeni iveze ukuthi lo mbiko ongahlali kahle awugqamisi kuphela inkinga yokulahlekelwa kwabantu abanamava kwezempilo kodwa ukhuluma ngqo nenkinga ekhona ezibhedlela yokushoda kwabasebenzi ekubeni bekhona odokotela abangaqashwa.
UNobhala Jikelele wenyunyana uDkt Cedric Sihlangu, uthe yize uMnyango wezeMpilo ukubhekelela ukuthi baqeqeshwe iminyaka emithathu kodwa uyehluleka ukuza nesu lokuthi labo dokotela asebenamakhono bakwazi ukuqasheka emuva kokuqeqeshwa.
Uthe minyaka yonke umnyango uhlale ukhala ngenkinga yesabelomali okuyiyo abathi yenza kube nzima ukuthi baqashe odotela asebephothule izifundo zabo, kodwa asikho isisombululo esibambekayo sokuxazulula le nkinga.
Uthe lokhu kudala ukuthi kube nenkinga yokufudukela kwamanye amazwe kodokotela. Uthe ziningi izingqinamba emkhakheni wezempilo ezikhona ngenxa yale nkinga, waveza ukuthi bafuna ukuthi lolu daba lusukunyelwe ngokushesha nguMnyango wezeMpilo.
Related Topics: