Izindaba

Udedelwe ngebheyili oboshelwe elezidakamizwa

Zimbili Vilakazi|Published

IZIDAKAMIZWA ezitholwe kumsolwa Isithombe: SITHUNYELWE

UDEDELWE ngebheyili kaR10 000 owesilisa waseMgungundlovu osolwa ngecala lokuhweba ngezidakamizwa.

UMnuz Mdunyelwa Memela (63) ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu izolo ngecala lokuhweba ngezidakamizwa.

UMemela uboshwe ngoLwesibili. Icala lakhe lihlehliselwe uFebhuwari 1.

Elandisa ngokuboshwa kwakhe, okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe lona wesilisa uboshwe amaphoyisa ophiko oluphenya amacala ahleliwe abucayi eMgungundlovu ebambisene namaphoyisa ophiko lwezobuNhloli kanjalo neMgungundlovu District Task Team.

IZIDAKAMIZWA ezitholwe kumsolwa Isithombe: SITHUNYELWE

Uthe amaphoyisa athole ukuthi uzohambisa izidakamizwa ahweba ngazo emgwaqweni uPietermaritz kubantu abamdayisela zona.

“Amaphoyisa alezi zinhlaka ahlangane ngokuphazima kweso, alibangisa kule ndawo. Abe esembona umsolwa, zamkhalela,” kusho uMhlongo.

Uveze ukuthi ngesikhathi bemsesha bathole i-heroin ne-cocaine engabiza uR29 750 ngokwentengo yasemgwaqweni.