Izindaba

UPhaahla ukhathazwa ngobaba abangazinakekeli izingane

Zimbili Vilakazi|Published

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane, uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Joe Phaahla, noNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, bedlulisela izipho kuNksz Ayanda Sishi otete usana uLwandile Sishi esibhedlela iGJ Crookes eScottburgh Isithombe: TUMI PAKKIES / Independent Media

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke uDkt Joe Phaahla, uzwakalise ukukhathazeka ngezingane zamantombazane ezikhulelwa zisencane.

UPhaahla ukusho lokhu ngesikhathi ngoMsombuluko ngesikhathi ehambele isibhedlela iGJ Crookes, ukuyokwamukela izingane ezizalwe ngoJanuwari 1.

Ubephelezelwa nguNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, noNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uNksz Nomagugu Simelane.

Zingu-411 izingane ezizalwe ngalolu suku ezweni lonke. Kulesi sibalo kukhona ezingu-260 ezizalwe KwaZulu-Natal, kuzona kukhona ezamantombazane ezingu-140, bese kuba ngezabafana ezingu-120.

UPhaahla uthe babhekene nengwadla yokukhulelwa kwamantombazane amancane.

“Kudingeka sisebenze ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi siyasinciphisa isibalo sezingane ezikhulelwa zisencane. Uma kwenzeka, kufuneka ukuthi siqede nya ngaso. Lokhu yinto engenzeka,” kunxusa uPhaahla.

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane, uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Joe Phaahla, noNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, bedlulisela izipho kuNksz Ayanda Sishi otete usana uLwandile Sishi esibhedlela iGJ Crookes eScottburgh Isithombe: TUMI PAKKIES / Independent Media

Uqhube wathi bengumnyango banazo izindlela ezahlukene zokuhlela umndeni abazama ngazo ukulwa nesihlava sokukhulelwa kwamantombazane, wanxusaabantu abasha ukuthi bazisebenzise.

“Lena akuyona inkinga yomnyango kuphela kodwa ngeyethu sonke singumphakathi, kufanele sibambisane ezingeni lemindeni emakhaya. Siyilekelele intsha yethu engena esigabeni sokukhula, isiqonde isigaba esuke isingena kuso bese iyahlonyiswa ngalo lonke ulwazi eludingayo ukuqonda kabanzi nangokushintsha kwemizimba yayo,” kweluleka uDkt Phaahla.

ODOKOTELA bezifo zabesifazane ezithinta ezocansi uDkt Nthabiseng Valashiya (kwesobunxele), noDkt Conrad Mashiloane behalalisela omama abathole izingane ngosuku lokuqala luka-2024 esibhedlela eSt Augustines, uNombali Ngema ophethe ingane uZokuhle Maxanyana, noThuthukile Hlophe ophethe ingane u-Alondwe Hlophe Isithombe: TUMI PAKKIES/ Independent Newspapers

Amukela izingane ezizalwe ngalolu suku, uPhaahla uhlabe ikhwelo lokuthi zinakekelwe ngendlela efanele, kuqikelelwe ukuthi azingenwa yizifo ezahlukene nokuthi zikhuliswa ngendlela efanele.

UMAMA omusha uNksz Ayanda Sishi ebambe usana lwakhe, uLwandile Sishi esibhedlela iGJ Crookes eScottburgh Isithombe: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

Ubuye wathinta nokubaluleka kokuba khona kobaba bazo ezimpilweni zazo, wathi bayathemba ukuthi bazoba ngobaba abaqotho ezinganeni.

“Kuyakhathaza uma kuzoba nesimo lapho obaba bekhetha ukungazibandakanyi ezimpilweni zezingane abasuke bezilethe emhlabeni,” kusho uPhaahla.

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uveze ukuthi esibalweni sabatete ngoJanuwari 1, abangu-50 kubo, baseyizingane.

Kuvele ukuthi kukhona oneminyaka engu-14, kube abayisikhombisa abaneminyaka engu-16, babe ngu-11 abaneminyaka engu-17, babe ngu-11 abaneminyaka engu-18, bese beba ngu-20 abaneminyaka engu-19.