Izindaba

Ubaba nendodana basenkantolo ngelokweba imfuyo

Nonkululeko Nhlapo|Published

KULINDELEKE ukuthi ubaba nendodadana yakhe bavele ngoLwesithathu enkantolo yeMantshi eKlerksdorp ngamacala okweba imfuyo.

Laba baboshwa ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi amaphoyisa aqapha ubugebengu eKlerksdorp encinzwe indlebe ngemoto esolisayo elayishe imfuyo.

“Bese kunecala elivuliwe ngokwebiwa kwezimvu ngesikhathi amaphoyisa encinzwa indlebe ngabasolwa abahamba ngemoto elayishe izimvu. Amaphoyisa alandele umkhondo wale moto nebala kwatholwa izimvu ezinesitembu salezi okubikwe ukuthi zebiwe,” kusho uLieutenant Colonel Amanda Funani okhulumela amaphoyisa eNorth West.

Abasolwa abaneminyaka engu-19 no-39 baboshwe besekhaya ngemuva kokuthi behluleke ukuchazela amaphoyisa ngemfuyo etholakale kubo.

“Kulo muzi bekunezimoto ezimbili egcekeni iveni iNissan 1400 ne-Toyota Conquest nazo okuthe uma kuphenywa kwatholakala ukuthi zebiwe emagaraji amabili ahlukene aseKlerksdorp ekuqaleni kwale nyanga.”