Abenkampani yezimo eziphuthumayo i-IPSS Medical Rescue batshele abezindaba ukuthi utholwe ekhaya obekusolwa ukuthi umuke nomfula eMandeni isithombe: IPSS Medical Rescue
ITHIMBA labatshuzi ngokubambisana nenkampani yezimo eziphuthumayo basebenze ngokuzikhandla bethungatha abantu okuthiwa baminze bezama ukuwela umfula waseMandeni.
Ngokombiko othunyelwe inkampani yezimo eziphuthumayo iIPSS Medical Rescue, kuthiwa abantu abathathu bebezama ukuwela umfula eMandeni ngesikhathi bemuka namanzi.
“Sithole umbiko ngabantu abathathu okuthiwa bamuke nomfula eMandeni, kwajutshwa ithimba labatshuzi elisebenza ngaphansi kweMhlali SAPS K9 nabaseMpangeni, namaphoyisa aseSundumbili,” kusho i-IPSS Medical Rescue ngesitatimende.
Ngesikhathi kusathungathwa laba abathathu, kubonakale isidumbu sengane eneminyaka eyisishiyagalombili sidindilizile buqamama nawo umfula okuthiwa bamuke kuwo.
Leli thimba liqhubeke nomsebenzi wokuthungatha abanye kwaze kwaba wukuthi amaphoyisa anquma ukubuyela emuva emndenini yalaba abalahlekile ukuze athole umbiko oqondile ngokwenzekile.
“Ngesikhathi amaphoyisa epheka ngemibuzo izihlobo nabangani kuvele ukuthi laba ababili bakwazile ukuphuma emanzini.”
Kuthiwa laba bobabili baphuthume ekhaya ngemuva kokusinda emfuleni.
Related Topics: