UKUNGANAKEKELWA ngendlela kungaholela ekutheni abafana balahlekelwe ubuntu babo Isithombe SIGCINIWE
UKUNGAQONDI ngokuphelele kwabazali iqhaza okumele balibambe ohlelweni lokusokwa kwezingane zabo kudala izinkinga ezingaholela ekutheni izingane zibolelwe ubuntu bazo.
Abezempilo bathi uma zinganakekelwa ngendlela izilonda zokusoka ziyabhibha, okungaholela ekutheni abafana balahlekelwe ubuntu babo, kade kuthiwa kwenziwa izaba zokuthi bangangenwa izifo kalula.
UDkt Siyabonga Nzimande ongomunye wosihlalo bomkhandlu wengculazi eThekwini, obuye abambe iqhaza ekusokweni kwabafana okwenziwa ngodokotela, uthe inqwaba yabafana ayibuyeli ezikhungweni zezempilo emuva kwezinsuku ezimbili ukuze bahlolwe ukuthi ukuhlinzwa kuhambe kahle, abagezi ngamanzi antukuntuku kathathu ngosuku, bafika emakhaya bageze ngamanzi anosawoti ogubha isilonda, abanye amathuluzi abo abawaqoqi ukuze ahlale emile, bavuvukale izilonda zibhibhe.
"Uma sifona singodokotela sibuza ukuthi ingane injani ngemuva kokusokwa, omunye umzali ukutshela ukuthi akekho eduze kwengane usemsebenzini noma ukwenye indawo . Uma siyivakashela ingane sithole ukuthi enye ibisaba ukugeza, isivuvukele okudala ukuthi isilonda sibhibhe, umzali obethi uyigadile akakaze abe khona selokhu yabuya kodwa wayeyihambisile, wasayina nokuthi ayisokwe," kusho yena.
Uthe umfana ophuma kosokwa kusuke kudingeka ukuthi ahlolwe ngabezempilo ngemuva kwezinsuku ezimbili esokile, ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa nangemuva kwezinsuku ezingu-15, bese elinda amasonto ayisithupha kuya phezulu ukuthi aphole kahle.
"Abafana asebekhulile abalindi isikhathi esibekiwe baya ocansini ngoba befuna ukubona ukuthi amathuluzi abo ayasebenza yini. Lowo mkhuba uyingozi ngendlela eyisimanga ngoba umfana angathola isifo socansi, kwesinye isikhathi nayo iHIV uqobo ngoba ukusoka kwehlisa amathuba okuyithola kodwa usuke esengayithola," kuxwayisa uNzimande.
UMnuz Phakamani Ndlovu wePhakamani Empowerment egqugquzela ukuthi abesilisa basoke, uthe abazali baba yingxenye yalolu hlelo baphinde bafundise ngokuthi umfana uma esebuyela ekhaya kumele bamsize kanjani
"Abanye izingane zabo bazigeza ngemithi ethile befuna basheshe baphole, abanye babagcoba u-vaseline kanti akumele kugcotshwe isilonda. Abanye uma sibafonela athi babuke ngeso babona ukuthi kuyaphola kanti iso lomsebenzi wezempilo nelomzali ojwayelekile alifani," kusho uPhumlani.