Izindaba

Ikhwelo ngegazi elishodayo ezinqolobaneni

Phili Mjoli|Published

ISIKHUNGO esithekelisa ngegazi kuleli ISouth African National Blood Service (SANBS) sicela umphakathi ukuthi unikele ngegazi kulesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi ukuze kwenyuke igazi elikhona ezinqolobaneni zalo. isithombe: Pexels

ISIKHUNGO esithekelisa ngegazi kuleli ISouth African National Blood Service (SANBS) sicela umphakathi ukuthi unikele ngegazi kulesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi ukuze kwenyuke igazi elikhona ezinqolobaneni zalo.

UNksz Thandi Mosupye wophiko lwezokuxhumana nentengiso eSANBS, uthe: “Sibhekene nengwadla yokushoda kwegazi kanti izikhungo zezempilo ngalesi sikhathi zivamise ukuba nesibalo esithe xaxa sabezimo eziphuthumayo ezingalindelekile, okudala umphumela othusayo uma sishodelwa igazi. Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambisane nathi kulesi sikhathi esinzima. Isidingo segazi sihlala sikhona njalo, kodwa manje igazi esinalo liya ngokuya lincipha nokungaholela ekutheni sehluleke ukusindisa iziguli ezithembele egazini elinikelwa umphakathi. Uma sekuqale isikhathi samaholidi isibalo sabantu abasinikelela ngegazi siyehla ngenxa yokuvalwa kwezindawo zokusebenza, nezikhungo zezemfundo ephakeme."

Le nhlangano ithe uhlobo lwegazi oluphansi kakhulu ezinqolobaneni uB-positive no-O-positive.

" Igazi i-B-positive iwuhlobo lwegazi olubalulekile ezigulini ezishodelwa igazi i-anemia ezidinga ukumpontshelwa igazi njalo. Igazi u-O-positive lidingeka kakhulu ngoba lihambisana negazi elingu-80% wabantu bakuleli. Igazi esinalo ezinqolobaneni lenele ukusetshenziswa izinsuku ezithathu kanti kudingeka ukuthi igazi lihlale lenele izinsuku ezinhlanu," kusho uNkk Masupye.