Ijaji leNkantolo yoMthethosisekelo eselathatha umhlalaphansi, uJustice Chris Jafta Isithombe: Dumisani Sibeko
Ihhovisi lenhloko yamajaji eNingizimu Afrika likhiphe isexwayiso ngozenza ijaji eselithathe umhlalaphansi, uJustice Chris Jafta.
Lithe lesi sixwayiso lisikhiphe ngemuva kokunxuswa nguJafta othe kukhona ozenza yena oshayela abantu esebenzisa igama lakhe.
"Izinhloso zalo muntu okwamanje azaziwa. Umphakathi uyaxwayiswa ukuthi ungalutheki futhi uyaziswa ukuthi ukuzenza umsebenzi womthetho kuyicala."
Kunxuswe abantu ukuthi bathinte ihhovisi lenhloko yamajaji ukuqinisekisa inkulumo okuthiwa ivela ejajini.
IJaji uJafta lithathe umhlalaphansi ngasekupheleni kuka-2021 ngemuva kokuphela kwenkontileka yeminyaka engu-12 lisebhentshini eNkantolo yoMthethosisekelo.
Related Topics: