Izindaba

Abase-KFC bathulele abakuleli isigqoko ngomnikelo wezigidi

Nonkululeko Nhlapo|Published

INTANDOKAZI yendawo yokudla i-KFC yenze izigidi zemali ngoxhaso lwabathengi bayo. isithombe: SITHUNYELWE

INTANDOKAZI yendawo yokudla i-KFC yenze izigidi zemali ngoxhaso lwabathengi bayo.

I-KFC inohlelo lwe-Add Hope olusetshenzwa ngokubambisana nabe-Gift of the Givers kuzo zonke izitolo zayo, lapho kunxenxwa khona abathengi ukuba banikele ngemali engangoR2 eyengeziwe.

Ngokusho kwabo, le mali iyaye isetshenziselwe ukulwa nobubha obukhungethe izingane zakuleli.

U-Andra Nel ongumphathi wezokukhangisa eKFC, uveze injabulo yabo ngokuthi baqoqe imali enguR 5 572 780 ngale minikelo.

“Singabantu siyaye sikhohlwe ukuthi isenzo esincane singenza umehluko omkhulu kangakanani.

“Lolu hlelo lungaphezu kokondla izingane kodwa lumayelana nokwenza ngcono ukuthuthukisa imizamo yokulwa nendlala nokukhombisa abantu baseNingizimu Afrika umthelela omkhulu wamagalelo abo - eSipho seThemba."