Izindaba

‘Kubonwa ngokusa’ ngamabhishi abevaliwe eThekwini

Phili Mjoli|Published

‘Kubonwa ngokusa’ ngamabhishi abevaliwe eThekwini ISITHOMBE: SIBONELO NGCOBO/ Independent Newspapers

ITSHE limi ngothi ngesimo samabhishi okubhukuda anedumela eThekwini njengoba uMasipala ungakwazi ukulimisa ngesihloko ukuthi abathandi benjabulo ngalesi sikhathi sikaDisemba bangakwazi yini ukuthutheleka kuwo njengenjwayelo.

Minyaka yonke, iholidi lomhla ka-16 Disemba liletha izinkumbi zabantu emabhishi aseduze kwenkaba yedolobha kodwa akwaziwa noma kuzoba njalo na kule mpelasonto.

Izolo kuvulwe amanye amabhishi abekade evaliwe ngenxa yokuthi izinga legciwane elitholakala endleni, i-Ecoli, beliphezulu.

AMANYE ama-swimming Pool aseSouth Beach izolo emini abehenqiwe kungavumelekile ukuthi abantu ababhukude kuwo ISITHOMBE: SIBONELO NGCOBO

UMasipala weTheku uthe imiphumela yakamuva yokuhlolwa okwenziwe yisikhungo Institute for Water and Wastewater Technology (IWWT), esise-Durban University of Technology (DUT), ngoLwesibili ikhombisa ukuthi amanye amabhishi abenegciwane eliphezulu le-Ecoli asehlanzekile.

UNkk Gugu Sisilana, okhulumela uMasipala weTheku, uthe: “Imiphumela yakamuva ikhombisa ukuthuthuka kwezinga lokuhlanzeka kwamanzi njengoba iningi lamanzi asolwandle esesezingeni elingcono, noma elemukelekile lokuthi umphakathi ukwazi ukuzijabulisa,” kusho uNkk Sisilana.

Nokho ukucacisile ukuthi izinga lokuhlanzeka kwamanzi lihlolwa njalo, okungenzeka ukuthi kulalwe kukuhle konke, kuse kusasa oqalo nobilo (igciwane) sebegweve namanzi.

UMASIPALA weTheku uthe sesithuthukile isimo samanzi asolwandle abenegciwane eliphezulu le-Ecoli njengoba imiphumela yokuhlolwa kwakamuva ikhomba ukuthi asesesimweni esemukelekile noma esingcono. Ama-swimming Pool abevuliwe amanye ehenqiwe Isithombe: SIBONELO NGCOBO

Lesi simo sikhomba ukuthi izindimbane zabantu ezidume ngokuthutheleka ogwini lweTheku zingase zihlangane nenhlanekela njengoba iziphathimandla zingakwazi ukuqinisekisa ukuthi inkinga ye-Ecoli imi kuphi, futhi nini.

“EThekwini kunamabhishi angu-23, uma kukhona ambalwa avaliwe kusuke kungasho ukuthi abantu abafuna ukuzijabulisa emabhishi sebezoba nenkinga,” kuchaza uNkk Sisilana.

Izolo ntambama uhlu lukamasipala lwamabhishi asenezinga le-Ecoli eliphezulu luveze ukuthi yi-Ansteys, iWinkelspruit nePipeline eseManzimtoti.

Isolezwe livakashele ema-swimming pool eSouth Beach lafica evalwe ngesihenqo kodwa asohlwini lwezindawo ezivuliwe.

Kunokukhathazeka ngokuthi uma izinga lokuhlanzeka kwamanzi asolwandle lilibi lokho kungaba nomthelela ongemuhle emnothweni ongeniswa yizivakashi ngesikhathi samaholidi. Iningi lezivakashi zeTheku ngoDisemba zisuka ezifundazweni ezimaphakathi nasenhla nezwe lapho kungekho khona ulwandle, ngaleyo ndlela ukubhukuda olwandle kuyinqabakayitshelwana kuzo. Nabantu abahlala ezindaweni zabamnyama eziseThekwini abazithambisi ngokuyozithihliza emagagasini olwandle ngoDisemba.

UMnuz Zwakele Mncwango we-ActionSA, uthe ukungcola kolwandle okuthiwa kudalwe imvula kukhomba ukuthi iTheku lingcolile.

"Udoti olahlwa budlaba ogcwele yonke indawo eThekwini nendle ehlale ephuphuma ezitamukokweni, uma lina igugulekela emihosheni nasemifuleni ugcine usolwandle. Inkinga esibhekene nayo ukuthi umasipala weTheku awuyilungisi ingqalasizinda yokuhanjiswa kwendle nodoti awuqoqwa ngendlela. Ukuhlola amanzi njalo kodwa ungawulungisi umsuka wenkinga kufana nokudlala," kusho uMncwango.

Isitatimende esithunyelwe i-DA mayelana nezinga lokuhlanzeka emabhishi aseThekwini sithe imiphumela yokuhlolwa kwamanzi emabhishi ayikhishwa ngesikhathi okungadala ingozi yokuthi abantu bangene emabhishi engahlanzekile.

"Amabhishi abevuliwe ngesikhathi kusalindwe imiphumela okuyisona sikhathi abesiyingozi. Ngesikhathi sekuphume imiphumela avalwa, imiphumela yakamuva isitshela ukuthi avalwe ngemuva kwendaba ngoba abevele esehlanzekile noma isimo sesingcono," kusho isitatimende.

Nokho uNkk Sisilana uthe akukho ukwehla kwezivakashi okukhona okudalwe yimiphumela ebikhomba ukungcola kwamanye amabhishi. Uthe u-75% wezikhungo zezokuvakasha eziseThekwini sezibhukhelwe ukuthi izivakashi zizijabulise kuzo kuze kube wuDisemba 20, u-98% wazo ubhukhelwe ukuthi izivakashi zizozijabulisa kuzo phakathi kukaDisemba 20 kuya kuJanuwari 8.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe ezokuvakasha balindele ukuthi zingenise imali engaphezu kuka-R3.6 billion kulesi sikhathi samaholidi.

UMnuz Simon April, okhulumela uMasipala iRay Nkonyeni, uthe amabhishi asezingeni elaziwa nge-blue flag ase-Port Shepstone ayisithupha namabili asahlolwa ukuthi azophumelela yini ukuba kuleli zinga.

Isizindalwazi seWeatherSA siveza ukuthi kulindeleke ukuthi ngeLwesihlanu amazinga okushisa eThekwini abe phakathi kuka-19 no-23, abe phakathi kuka-19 no-24 ngoMgqibelo, abe phakathi 23 no-27 ngeSonto nangoMsombuluko.