UBOSHIWE owesifazane okuthiwa ubephuze ngokweqile amanzi amponjwana, ozame ukubalekela amaphoyisa amhubhe ambamba esivimbagwaqweni ebesiseMgungundlovu, ngempelasonto. ISITHOMBE: SIGCINIWE
UBOSHIWE owesifazane okuthiwa ubephuze ngokweqile amanzi amponjwana, ozame ukubalekela amaphoyisa amhubhe ambamba esivimbagwaqweni ebesiseMgungundlovu.
Kuvela ukuthi ngesikhathi efuthiswa, ehlolwa izinga lotshwala egazini lakhe lakhe, kutholakale ukuthi lingu-1.26mg, okuyisikali eseqe kayisihlanu kunalokhu okugunyazwe wumthetho.
Ube esekhalelwa amasongo kaSigonyela nabanye abashayeli ababalelwwa ku-18, babekwa amacala okushayela bedle utshwala.
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthe ziyaqhubeka izivimbamgwaqo kusona sonke isifundazwe, lapho kumiswa khona izimoto zihlolwe nabashayeli nokuthi abaphuzile.
Ukuboshwa kwalo wesifazane kushayelwe ihlome nawuNgqongqoshe woMnyango, uMnuz Sipho Hlomuka. UHlomuka uyalele amaphoyisa ukuthi ayiqinise le mikhankaso nakwamanye amadolobha esifundazweni.
Okhulumela uMnyango, uMnuz Kwanele Ncalane, unxuse abashayeli ukuthi baqikelele ukuthi abaphuzi utshwala bese bengena emgwaqweni.
“Umuntu akomele ngasekhaya noma kubekhona umuntu ozokwazi ukushayela imoto ongabuthinti nhlobo utshwala. Yizinto esizogxila kuzona ngokohlelo lwethu lokuphepha lwalesi sikhathi,” kusho uNcalane.
Uthe uhlelo ludidiyelwa yizona zonke izinhlaka zezokuphepha kusukela komasipala kuyofika phezulu kwiSAPS.
Uthe bazokanisa kusona sonke isifundazwe njengoba kubhekwe kwimpelasonto ende eqala ngoNovemba 15.
Lapha uthe bazobe beqinisekisa ukuthi amaphoyisa akhona emigwaqweni engothelawayeka, eyimingenelo yasemalokishini nalapho kuhlala khona abantu nasemathaveni asebenza umathanda, ephula imigomo yokusebenza.
“Abashayeli abacophelele ngoba kunemigwaqo eminingi esetshenzwayo esifundazweni okuzokwenza isiminyaminya njengaku-N3 phakathi kwaseMgungundlovu naseThekwini,” kusho uNcalane.
Uthe esinye isiminyaminya sizoba naku-EB Cloete (edume ngoSpaghetti Junction) mawuphuma enkabeni yedolobha eThekwini, lapho kuhlangana khona uN2 noN3, eThekwini.
UNcalane ubalule nokwakhiwa komgwaqo uN2 eMdloti, nalapho uchezukela KwaMashu, wathi imizila incishisiwe.
Ube esekhuthathaza abashayeli ukuthi bahlele uhambo lwabo, basuke kusenesikhathi futhi bashayele ngokucophelela.
Kusukela ngoDisemba 1 nonyaka, abashayeli abangu-241 babekwe amacala okushayela ngesivinini, kwaboshwa abangaphezu kuka-18 ngokushayela bephuzile, abawu-73 bezithuthi zomphakathi baboshelwa ukungabi nawo ama-permit, abawu-12 abashayela amatekisi baboshelwa ukulayisha ngokweqile.
Kuboshwe abangaphezu kuka-54 ngokushayela ngamalayisensi asedlulelwe isikhathi, abangu-26 babekwa amacala okusika lapho kungagunyazwe khona, kwathi abangu-81 babekwa amacala lokulayisha umthwalo ngokweqile.
Related Topics: