Izindaba

Kubulawe unesi kwamiswa uhlelo lokufukula umphakathi

Phili Mjoli|Published

KUMISWE izinhlelo zokuthi abasebenzi bezempilo bahambele emphakathini eNdwedwe Isithombe: SIGCINIWE

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal uzimisile izinhlelo zokuthi abasebenzi bawo bahambele emphakathini eNdwedwe, kulandela ukubulawa kukanesi wesilisa ngesikhathi kudunwa imoto abehamba ngayo nozakwabo ngeledlule.

UMphathiswa woMnyango, uNksz Nomagugu Simelane, uthe ziyakhula izigameko zokuphucwa kwabasebenzi bezempilo izimoto ezenzeke kule ndawo, kanti esokugcina sidlule nomphefumulo kanesi.

Kulesi sehlakalo kudutshulwe kwabulawa uMnuz Mthembeni Nyathikazi obehamba nozakwabo abahlanu bephuma eThekwini, kade beyofunda.

UNksz Simelane uthe: "Izigameko zokwephucwa kwabasebenzi izimoto besebenza eNdwedwe ziningi kakhulu. Osekusethusa kakhulu ukuthi kuze kufinyelele ezingeni lokuthi kudutshulwe umsebenzi wethu.

“Ngisazohlangana noMphathiswa woMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt -General Nhlanhla Mkhwanazi, sibonisane ukuthi yini engenziwa ukuze kuvikelwe abasebenzi ezigilamkhubeni.

“Okwamanje asikwazi ukuthi singathi njalo uma abasebenzi bephuma beya emiphakathini abagadwe yiveni yamaphoyisa ngoba lokho kuzobe kusho ukuthi sizobe sishodisa izimoto zamaphoyisa ezivele zingenele,“

Ngo-2020, izigebengu eziyisishiyagalombili zaphoqa onogada ababili ababegade ehhovisi loMnyango wezoLimo eliseNdwedwe ukuba bakhiphe okhiye bezimoto lapho begcinwa khona, zahamba nezimoto eziyisishiyagalombili ezingamaveni, zashiya onogada zibabophile. Ezinye zalezo zimoto zatholakala zihlinziwe eMgungundlovu.

Amaphoyisa athi aphenya icala lokubulala, elokudunwa kwemoto, okwamanje bekungakaboshwa muntu.

Inyunyana yabasesebenzi kubo okukhona nabahlengikazi, iPublic Servants Association (PSA), ithe sesidlulile isikhathi sokuthi kulokhu kubatshazwa ukwanda kwezigameko zokudunwa kwezimoto ezandleni zabasebenzi bahulumeni, manje yisikhathi sokuthi kuthathwe izinyathelo.

UMnuz Mlungisi Ndlovu imenenja yale nyunyana kulesi sifundazwe, uthe abasebenzi baphucwa izinto zabo kuzo okubalwa izimoto namaselula besemsebenzini. Uma beyosebenza bephucwa izimoto zikahulumeni bekhonjwe ngezibhamu kodwa akukho okwenziwayo ukuze bavikelwe .

UNksz Mbali Sabela uNobhala weDenosa eKZN, uthe banxusa uMnyango wezeMpilo wenze izinhlelo namaphoyisa ukuthi abasebenzi bezempilo bagadwe uma beyosebenza ezindaweni ezaziwayo ukuthi zijwayele ukuba nezigameko zokudunwa kwezimoto.