UMBUSO usola unesi oyinkosikazi kanjiniyela owasocongwa, ngokuthi uqamba amanga enkantolo efungile, ngenhloso yokuzikhipha ecaleni lokubulawa komyeni wakhe. Isithombe: SITHUNYELWE
UMBUSO usola unesi oyinkosikazi kanjiniyela owasocongwa, ngokuthi uqamba amanga enkantolo efungile, ngenhloso yokuzikhipha ecaleni lokubulawa komyeni wakhe.
Umshushisi u-Adv Krishen Shah usole uNksz Nompumelelo Patricia Goncalves ngokuthi untuntisa inkantolo ngobufakazi abukhandile ngoba efuna ukubukeka emsulwa.
Lo fakazi obengabuki muntu enkantolo ngaphandle kukatolika obeseceleni kwakhe, uphikise ngisho ubufakazi obuqoshwe phansi be-tracker yemoto yakhe nobezingcingo.
UShah ubekade ephica ngemibuzo evavanya ubufakazi obethulwa nguNkk Goncalves eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
UNksz Goncalves nomfowabo, uMnuz Nkosinathi Zungu ongummangalelwa wokuqala, bathweswe icala lokuthumba nelokubulala uMnuz Nkosi Timmy Langa owayengunjiniyela eTransnet.
UMnuz James “Ramaphosa” Mashudu walivuma icala, wagwetshwa wase ephenduka ufakazi woMbuso.
UNksz Goncalves uthe yena nomufi babekade bethandana, bezwana noma kukhona ukungaboni ngasolinye babuyisane ngokushesha.
Uthe wayekade enoZungu ngosuku olwandulela okwabulawa ngalo umufi ezomkhandela isango lakwakhe.
Kodwa ubufakazi bamaselula abuvezi ukuthi uZungu wake walubhada ePinetown, kunalokho buveza ukuthi wayeseMerebank, eNsimbini nasenkabeni yedolobha eThekwini.
Uphikile lo fakazi okushiwo nguShah, ukuthi kunezikhathi lapho imoto yakhe yajanyiswa khona i-tracker yize yayiqhubeka ihamba.
UShah usole uNkk Goncalves ngokwakha itulo lokusocongwa komyeni wakhe noZungu, athe kufakazelwa nawuxhaxha lwezingcingo nemiqhafazo okwakuphakathi kwabo ngosuku okwathunjwa ngalo umufi.
UNksz Goncalves ubevele aphendule ngokuthi akulona iqiniso okushiwo uShah, wuyena okhuluma iqiniso ngokwakwenzeka
Uthe wagcina ukubona umyeni wakhe ephila ngesikhathi ephethe iplastiki eyophuma ngomnyango wakwakhe, sekuqala ukuhwalala eqeda ukukhuluma noZungu ocingweni.
Enkantolo bekukhona udadewabo kamufi nabebezokweseka uNksz Goncalves, obefulathele wonke umuntu obethamele icala. Ubegqoke izimpahla ezimnyama futhi ezimboze uhlangothi lobuso bakhe ngomluko ohlangothini lwesobunxele oluqondene nabebethamele icala noShah.
UShah uze wakhala eJajini Bonke Dumisa elibambile, ethi uNkk Goncalves akayihloniphi inkantolo ngedlela ame ngayo nakhulumela phansi ngayo. Uvele wahlala phansi kodwa waqhubeka wenza okufanayo.
Ngaleso sikhathi uZungu ubekade ehlome ikhanda phansi ebhokosini labasolwa okomuntu ocashele uDumisa.
Icala liyaqhubeka.
Related Topics: