Umbiko Wenkampani wonyaka obikwayo ubonisa ukusebenza ngamandla kwizimo ezishintsha ngesivinini nesimo esinzima sezomnotho. Leli bhizinisi belilokhu lisabela kwizimo eziguquguqukayo futhi lizibophezele ekuhlinzekeni ngezinto zenani elibonakalayo kumalungu alo nalabo elisebenzisana nabo.
Unyaka wezimali ka 2023 ubunezinkinga zezomnotho ezinzima kakhulu phakathi kwezimo zokwenza ibhizinisi eziya ziba yinkimbinkimbi nokucindezela okwenyukayo kokuthola amathuba okukhula. Isidingo sokudala ubugugu kanye nokukhula okuqhubekayo komnotho eNingizimu Afrika kuyasiqhubezela futhi kuveza isidingo soshintsho olunenjongo ukuze sikwazi ukubhekana namanani aphakeme okuntuleka kwemisebenzi negebe elikhulayo lokungalingani ezweni.
Usihlalo weBhodi labaqondisi, uMnu Jannie Venter, ekhuluma eMhlanganweni Ovamile Waminyaka Yonke we AVBOB wama 72 (AGM) waphawula ngokubaluleka kokudala ubugugu emphakathini njengoba ayethula imiphumela yeNkampani yezezimali. Lomhlangano we AGM wawubanjwe mhlaka 22 November 2023 e-Protea Hotel Fire & Ice e-Pretoria.
“Ukuzibophezela ekwenzeni okulungile kuyisisekelo sokusebenza kwenhlangano yethu yokusizana. Njengebhizinisi, besilokhu sisebenzela ukufeza izidingo zabantu base Ningizimu Afrika size sidlulele ngale kwenjongo yethu yokuhlinzekela imingcwabo nokutholakala komshwalense wokungcwaba. Ukuba kwethu yinhlangano yokubambisana kuyisisekelo senqubo yethu, injongo, nomehluko wokuqophisana kwethu,” kusho u-Venter.
LeNkampani ifeze ukuzibophezela kwayo kubanikazi bamapholisi ngokukhokha u-R2,7 billion wezinzuzo zamapholisi. Ngaphezu kwalokho, I-AVBOB Funeral Service isize amalungu ngokuhlinzeka ngamasevisi okungcwaba MAHHALA nezinsiza ezifinyelela enanini lika R453,3 million.
Ukwenza umehluko kuyimpokophelo yethu enkulu kwa AVBOB. Njengenhlangano yokubambisana, leNkampani iqaphela futhi yamukela isibopho sokuqinisekisa ukuthi imisebenzi yayo nalokho ekwenzayo kuhlala kunenzuzo kumalungu ayo nasemiphakathini esisebenza kuyo.
Isevisi Eyikhwalithi kanye Nokwanda
Umphathi Omkhulu we AVBOB, uMnu Carl van der Riet, wachaza izici eziwumnyombo wamasu ebhizinisi ale Nkampani okuthuthukisa ukukhula nokwenzela amalungu ayo inzuzo. “Sikhanga amakhasimende ngemikhiqizo emisha evumelana nemakethe eqokomisa ikhwalithi. Le Nkampani iyaqhubeka nokwandisa amagalelo ayo ezweni kabanzi nokukhulisa ingxenye yayo yentengiselwano futhi igxile kwizizinda zebhizinisi ezinenzuzo.”
U-Van der Riet uphinde waphawula ukuthi ukuze isheshise ukukhula, le Nkampani izokwakhela phezu kwempumelelo yayo ukuqinisa iqhaza layo lokuphishekela amathuba amasha ngomkhiqizo, isevisi nemisebenzi eyahlukahlukene.
Njengengxenye yemisebenzi yale Nkampani yokubhekela ikusasa, ngo 2024 kuzokwethulwa uhlelo olusha lwemiklomelo yamalungu. Eminye imisebenzi emikhulu yale Nkampani ukuba neqhaza emikhakheni eyahlukene kwezezimali noshintsho oluzobonakala ophawini lwe AVBOB olwaziwa kakhulu.
Ikomkhulu elisha ngo 2024
Unyaka owedlule ube ngowokugcina wokuba ikomkhulu le AVBOB libe se-Pretoria enkabeni yesizinda samabhizinisi. Ngo 2024, ikomkhulu lale Nkampani lizothuthela, ezakhiweni zikanokusho ezise Irene Link Precinct e-Centurion. Leli bhilidi lakhiwe ngendlela esimeme, lifanelana nenjongo yalo futhi lisezingeni le Green Star ngokuvumelana nemisebenzi yalo yebhizinisi nabasebenzi balo abaxube amakhono.
Amazwibela onyaka wezimali ka 2023
Izindondo nempumelelo
Related Topics: