UMJOVO othithibalisa iHIV, ojovwa ngemuva kwezinyanga ezimbili, kunethemba lokuthi uzosiza abantu abasha abangayidli kahle imishanguzo ISITHOMBE: SIGCINIWE
KUNINGI osekwenziwe ukuze kuliwe nokusabalala kwesandulela ngculazi kuleli kodwa kusanokukhathazeka ngokuthi abantu abasha abaphakathi kweminyaka engu-15 no-24 kumele kwenziwe njani ukuze leli gciwane lingasabalali kakhulu nakubo.
Ucwaningo lwakamuva olwenziwe yi-Human Sciences Research Council luveza ukuthi abantu abakule minyaka abayidli ngendlela imishanguzo, abawasebenzisi ngendlela amakhondomu nohlelo lokuzivikela lokudla imishanguzo evikela ukuthi uthole iHIV, iPre-Exposure Prophylaxis (PrEP) nalo abalulandeli kahle.
Ebafaneni ukhona umehluko ngoba kuvela ukuthi u-50% wabakule minyaka usokile.
Ucwaningo lweHSRC luveza ukuthi isibalo sabahaqwe yileli gciwane sehlile sisuka ku7.9 million saya ku7.8 million ngenxa yezinhlelo ezikhona zokulwa nalo nokuthi abanye abantu abebehaqwe yileli gciwane bashonile bebulawa yilo noma ngezinye izifo.
Ukungayidli ngendlela imishanguzo, ongoti bezempilo, bathi kudala ukuthi abahaqwe yileli gciwane baqhubeke bathelele abanye uma kwenzeka beya nabo ocansini olungavikelekile.
UDkt Melanie Bisnauth ongumcwaningi ophikweni olubhekelele ezempilo ezingaphansi kukahulumeni eWits University, ocwaningweni lwakhe uveze ukuthi kunengxenye enganakiwe okungabantu besifazane bakwamanye amazwe abacwaswayo ezikhungweni zezempilo zakuleli, bagcine bengasayi kolanda imishanguzo yabo.
“Labo bantu bangalisabalalisa igciwane ngoba baphila emiphakathini yethu. Uhulumeni kumele alubhekisise lolu daba, abanye bangena kuleli ngenhloso yokuzobeletha,” kusho yena.
Uthe kuningi okuhle osekwenziwe ukuze kuliwe nokwanda kwaleli gciwane.
"Uhlelo lokuvikela ingane engakazalwa ukuthi ingatholi igciwane kunina, i-Prevention of Mother to Child Transmission (PMTCT), lwenza kahle kakhulu kodwa ukuhlasela kweCovid-19 kuleli, kubuyisele emuva umsebenzi omuhle owenziwe umnyango ngoba kukhona abantu abagcine bengayi ezikhungweni zezempilo besaba ukuthi bazothola iCovid-19," kusho yena.
Izishoshovu zaleli gciwane zikholwa ukuthi umjovo osebenza njengamaphilisi PrEP namaphilisi okuthithibalisa igciwane okujovwa ngawo kanye ezinyangeni ezimbili ungasiza kubantu abasha.
Okwamanje lo mjovo kulindeleke ukuthi ufike kuleli ngoFebhruwari, akukaziwa ukuthi uhulumeni wakuleli uzoba nayo yini imali yokuwuthenga njengoba kwehliswe isabelomali soMnyango wezeMpilo.
Emazweni aphesheya uyabiza lo mjovo kodwa, inhlangano yosizo US President's Emergency Plan for Aids Relief (Pepfar) yenze uhlelo lokuthi kukhiqizwe umjovo oyi-generic ozofika kuleli ngoFebhruwari. Kulindeleke ukuthi utholakale ngemali engu-R540 kuya kuR570 kuleli.
USolwazi Khangelani Zuma weHSRC, ethula ucwaningo lwakamuva olubheka ukuthi ukuziphatha kwabantu ngabe kunamthelela muni ekusabalaleni kwaleli gciwane noma ekunqandekeni kwalo, nokuthi ukuziphatha kwabantu kunamthelela muni ekwelashweni kwaleli gciwane, iSA National HIV Prevalence, Incidence, and Behaviour Surve, olwethulwe kuleli sonto, uthe ucwaningo luka-2023 lukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika inenqubekela phambili enkulu mayelana namasu okulwa naleli gciwane i95-95-95 strategy.
Ngala masu kuhloswe ukuthi ngo-2025, u-95% wabo bonke abantu abane-HIV babe sebezazi ngesimo sabo se-HIV; u-95% wabasaziyo isimo sabo, bathole ukwelashwa imishanguzo yokudambisa leli gciwane, ama-ARV; u-95% wabadla imishanguzo igciwane emzimbeni yabo libe selicindezelekile lingasabonakali.
Lolu cwaningo luveza ukuthi abantu abaneminyaka engu-15 kuya phezulu abaphila ne-HIV eNingizimu Afrika ngo-2022, u-90% wabo ubususazi isimo sabo seHIV; u-91% wabasaziyo isimo sabo seHIV, sebadla imishanguzo, u-94% wabadla imishanguzo iHIV egazini labo isicindezelekile.
Ngo-2020 i-UNAids yayihlose ukuthi kube u-90-90-90 kodwa iNingizimu Afrika, yagcina ifinyelele ku-85% -71% -87%.
Njengoba kuqale inyanga okwenziwa ngayo imikhankaso yikulwa naleli gciwane emhlabeni, kulindeleke ukuthi umkhandlu wamasonto emhlabeni, iWorld Council of Churches, wethule ngokusemthethweni umqingo olawula ukuphathwa kwezinhlelo zeHIV emasontweni.