KULE minyaka emihlanu eyedlule iminyango kahulumeni isebenzise imali enguR14 billion Isithombe: SIGCINIWE
IMINYANGO kahulumeni ibhubhudle imali enguR14 billion kule minyaka emihlanu eyedlule.
Lokhu kuvezwe uMcwaningi maBhuku kuzwelonke, uNksz Tsakani Maluleke, ngesikhathi ethula umbiko wakhe, ePhalamende, ngoLwesithathu.
UNksz Maluleke utshele amalungu ePhalamende ukuthi ophenyweni lwehhovisi lakhe bathole izigameko ezingu-240 eziholele ekutheni uhulumeni ulahlekelwe izigidi zamaRandi. Lezi zigameko zenzeke kusukela ngo-2019 kuya ku-2023.
UNksz Maluleke uthe ubudedengu kwabaphethe iminyango kahulumeni yibo obenze ukuba kulahleke imali engaka.
“Iminyango iyahluleka ukukhokha ngesikhathi, nokwenza ukuthi igcine isikhokha nenzalo. Kwesinye isikhathi iminyango ikhokhela izimpahla engazange izithole, iphinde ikhokhele izimpahla ezingeke zisize muntu. Kokunye iminyango iyehluleka ukunakekela impahla esuke ithengiwe.
“Sekunesikhathi eside sixwayisa ngale nto emibikweni yethu edlule nasemibikweni esiyikhipha ngokusetshenziswa kwemali eyayabelwe ukulwa nokusabalala kobhubhane iCorona, neyayabelwe ukulungisa umonakalo owawudalwe izikhukhula. Abaphethe kufanele baqikelele ukuthi imali kahulumeni isetshenziswa ngendlela.”
UNksz Maluleke uthe iminyango kahulumeni imtshele ukuthi kule minyaka emihlanu eyedlule ithathe izinyathelo ezinqande ukulahleka kukaR2.5 billion.
Uthe nehhovisi lakhe likwazile ukunqanda ukulahleka kwemali enguR56 billion, wathi baphezu kwemizamo yokubuyisa imali elahlekile.
“Imali enguR1.29 billion isibuyile, kanti sisazama ukubuyisa enguR70 billion. Kunezikhulu zeminyango ezingu-50 ezihamba izigcawu zokuqondiswa ubugwegwe, kunamacala enkohlakalo angu-15 aphenywayo. Nokho kusekuningi okungenziwa.”
UNksz Maluleke uthe ukusaphazwa kwezimali kufaka ingcindezi kuhulumeni ovele ushodelwa imali.
Uthe okunye okufaka ingcindezi kuhulumeni izicelo zezinxephezelo ezifakwe abantu abafuna ukukhokhelwa uhulumeni.
UNksz Maluleke uthe kunezicelo zezinxephezelo zikaR113 billion uhulumeni okufanele azikhokhe, wathi ukukhokhwa kwale mali kuzophazamisa ukuhanjiswa kwezidingo.
“Iningi lezinxephezelo zibhekene noMnyango wezeMpilo, okufanele ukhokhe izinxephezelo zikaR68 billion. Inkinga ukuthi le mali kufanele ithathwe emalini okufanele engabe kuhanjiswa ngayo izidingo kubantu. Ekugcineni abantu bakuleli ibona abazolimala.”
Related Topics: