BATHWALE kanzima abasebenzi basemtholampilo waKwaMashu, iPoly Clinic ngenxa yeziguli eziningi zakule ndawo ebezithutheleka kuwo ziphalaza zikhishwa nayisisu kusukela ngempelasonto.
Kuthiwa iningi lalezi ziguli ebezilaliswa kulo mtholampilo zidedelwe ngakusasa bezithi zidle i-chicken sharwama, ebeyisendalini esitolo esisenxanxatheleni yezitolo iMidway Crossing Mall, ngoLwesihlanu lwe-Black Friday nangempelasonto.
Ngokuthola kweSolezwe, baqale ukunaka iziguli ebezithutheleka emtholampilo ngoMgqibelo nangeSonto.
"Isimo besisibi kakhulu iziguli bezikhishwa izisu ziphalaza, kuze kwadingeka ukuthi kucelwe abanye abahlengikazi abebengasebenzi ukuthi babuye bazolekelela.
“Yize besingakwazi ukunikeza lezi ziguli imithi ziyolulamela ekhaya, sibone ukuthi iningi lazo zinamasosha antekenteke okudalwa ukudla okungenawo umsoco, ezinye zinezifo ezidala ukuthi amasosha abe ntekenteke. Ezinye zike zahlaselwa isifo sofuba esingazweli emakhambini ngakho besingafuni ukuthatha amashansi, besizilalisa zidedelwe ngakusasa. Isimo sesidambile manje," kuchaza umthombo.
Uqhube wathi kukhishwe nomtholampilo ongumahamba nendlwana ukuze uzungeze ezindaweni ezakhelene nale nxanxathela yezitolo.
"Asazi ukuthi yini ebiyonakele ezithakweni ze-chicken sharwama, kodwa siyazi ukuthi izitolo zokudla kuyenzeka uma sezibona ukuthi impahla ethile isizophelelwa isikhathi bese ziyifaka endalini, bese kwenzeka inkinga enjengale. Uma lokho kudla kudliwe ngabantu abanamasosha antekenteke bagula kakhulu, uma bengalashwanga ngokushesha bangashona,“ kuchaza umthombo
Isolezwe lithole ukuthi bangaphezu kuka-70 abantu abafike emtholampilo abebephalaza bekhishwa isisu kusuka ngoLwesihlanu kwaze kwaba yiSonto kanti bese bebancane abafika kusuka ngoMsombuluko nabalashwe emtholampilo ongumahambanendlwana.
Imenenja yesitolo, uNksz Thando Shangase, ivumile ukuthi kunamakhasimende abo abike ukuthi agule ngemuva kokudla ishwarma ayithenge esitolo sabo.
“Abahloli bezempilo bafikile bezohlola esitolo. Imiphumela ayikaphumi. Ukudla esikudayisayo akonakele. Kungenzeka ukuthi igciwane elibagulisile belingekho ekudleni kwethu, likwezinye izinto abazidlile emakhaya njengoba namanzi bekade engekho bephuza alethwe yimoto,” kusho uNksz Shangase.
UMnyango wezeMpilo uthunyelwe imibuzo ngalolu daba kodwa kuze kwashaywa isikhathi sokushicilela ungakaphenduli.
Related Topics: