ABEZIMO eziphuthumayo baqinisekise ukutholakala kwesidumbu esisodwa kwababili abebeminze enkonzweni yokuhlanjululwa ngoMgqibelo emfuleni iKlipriver.
Imibiko yokuqala yaveza ukuthi kuminze owesifazane (18) nowesilisa oneminyaka engu-21 abebeyingxenye yabazalwane abebeyohlanjululwa.
USimon Nkosi okungowesilisa obedlula ngendlela uthe ubone okubekungathi ngumfanekiso womuntu kodwa wamemeza omunye obedlula naye ukuthi akazombonisa.
“Ngibuze nangu umfowethu ebesihambisana naye ukuthi ngabe wumuntu yini lokhu okusemanzini, uvumile. Sithe sisondela sibukisisa kahle ngabona isitho sabesifazane okungamabele yilapho engiqinisekise khona ukuthi umuntu wesifazane” kusho uNkosi.
Uphiko lwe-K9 luvumile ukuthi ngempela isidumbu somuntu esintanta emfuleni anduba sikhishwe.
Okhulumela i-EMS-eGoli uNksz uXolile Khumalo uthe sebelinde abamakhaza ukuze kuthathwe isidumbu. Ubuye waveza ukuthi iqalile imizamo yokuthi kutholwe namalungu omndeni ukuze azohlonza owesifazane njengesihlobo sawo.
“Ithimba elisebenzayo liqalile ukuxhumana nemindeni ethungatha izihlobo. Umsebenzi usaqhubeka njengoba kusekhona owesilisa ongakatholakali,” kusho yena.
Related Topics: