Izindaba

Iyaqhubeka imizamo yokutakula amakholwa aminze eyobhabhadiswa

Nonkululeko Nhlapo|Published

Iyaqhubeka imizamo yokutakula amakholwa aminze eyobhabhadiswa Isithombe: Timothy Bernard

ABEZIMO eziphuthumayo eGoli bathi bayaqhubeka ukuthungatha amakholwa amabili amuke namanzi ngoMgqibelo ebusuku, benenkonzo yenhlambuluko.

Kuthiwa lawa makholwa okungowesifazane oneminyaka engu-18 nowesilisa ona-21 ubudala bamuke emfuleni iKlipriver ngase-Olifantsvlei.

URobert Mulaudzi okhulumela abezimo eziphuthumayo kuMasipala waseGoli uthi baphoqeleke ukuba bawumise umsebenzi wokuthungatha laba ngeSonto ebusuku ngoba besekumnyama kungasasebenzeki ngendlela.

Uthi uphiko lwabo luqalile ngokufundisa abantu ngobungozi bamanzi nokuwela imifula igcwele.

“Kuyaziwa ukuthi ngesonto eledlule sasisemfuleni oseKliptown, sitakula umfana oneminyaka engu-18 ubudala ominze ngemuva kokushibilika angene emfuleni ugcwele,” kusho yena.