BAKHALA ngokuthelwa amachaphazelo engxabano abangahlangene nayo abagibeli bamatekisi ezindawo ezehlukene oLundi.
BAKHALA ngokuthelwa amachaphazelo engxabano abangahlangene nayo abagibeli bamatekisi ezindawo ezehlukene oLundi.
Lokhu kuza emva kwengxabano yosomatekisi esidonse amasonto ayisithupha.
Umthombo ophawule ngalolu daba uthe sekukaningi bezithola belaliswa phansi ngezisu lapho kulayisha khona amatekisi.
“Kuvele kugasele abantu, basilalise phansi ngezisu, bese siyaseshwa. Ukuthi kusuke kuseshwani, asazi,” kusho umthombo.
Uqhuba uthe kuphinde kuthiwe uma kukhona abashayeli bamatekisi athile kulabo abasuke belaliswe ngezisu, abasukume, umuntu ame eduze kwetekisi yakhe.
Ubuye wathi okubuhlungu ukuthi sekubulawe osomatekisi ababili njengoba kuqale lolu dungunyane.
Wathi sebesaba nokuthi nabo bazogcina bedutshulelwa into abangayazi.
“Sesicela ubuholi bendawo, amakhosi, umasipala, amaphoyisa, nabemboni bangenele ukulungisa lesi simo esibonakala singalawuleki futhi esisihlukumezayo singabagibeli,” kusho umthombo.
Isolezwe lithole ukuthi uthuthuva lusuke ngesikhathi osomatekisi baseNkonjeni bephuma ibhodwe labo.
Kuthiwa bathe abasafuni ukurenka erenki enkulu, bazophuma bayozirenkela esidlangaleni ngoba banabagibeli abaningi.
Kuvela ukuthi balandelwe abaseMashona, abaseZinhlabeni nabaseMkhazana.
USihlalo weSouth African National Taxi Council (Santaco) eZululand, uMnuz Sibusiso Zwane uthe lolu daba aluxazululeki.
Uthe bazamile ukululungisa beyisifunda emihlanganweni engu-11 ababe nayo kodwa namanje isixazululo asikho.
“Sigcine sidlulisa umyalezo ebuholini bemboni esifundazweni, umasipala wasoLundi ngoba irenki eyawo, uMnyango wezokuThutha nowezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu,” kusho uZwane.
Nokho uthe ngokwazi kwabo ebekho abagibeli abalaliswe phansi.
“Uma kwenzekile kwathinteka nabagibeli kungabe yiphutha lelo, inhloso ukuqondisa ubugwegwe kulabo abenza okungafanele, abafuni ukuya erenki ngoba abanazo izimvume zokusebenza ngala matekisi asebewangeze kulawo aphume ayosebenza esigangeni aseberenka kuso,” kwenaba uZwane.
Uthe abahambisani nokuphuma kwamatekisi athile erenki, ayozisungulela awawo amarenki esidlangaleni, wathi ubuningi babagibeli akuyona inkinga ngoba ahlale ekhona amatekisi agunyaziwe, akulungele ukuthwala umsebenzi.
“Lokhu abakwenzayo kubanga ingxabano engenasidingo. Kulukhuni manje ngoba kufa abantu. Sesidinga kungenele isifundazwe ngoba sesehlulekile emazingeni aphansi, lo msindo awukhuzeki,” kusho yena.
UMphathi wehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, uthe bayakuqonda ukuthi ngeke vele umphakathi wename ngalokhu okuqhubekayo.
“Nabo abaphephile uma sekuqale ukudubulana. Siyalele ihhovisi lethu lesifunda ukuthi lisebenze lolu daba. Uma benenselelo, sizobe sesingenela. Asihambisani nesenzo sabo sokuthi bavele baphume bayoma esigangeni,” kusho uShangase.
Related Topics: