UNGQONGQOSHE woMnyango wezaseKhaya, uDkt Aaaron Motsoaledi, ekhuluma ngomqulu omusha ozolawula ukungena kwabantu bangaphandle kuleli, i-white paper on Citezenship, Immigration and Refugee Protection, okhishelwe umphakathi ukuthi uphawule ngawo Isithombe: SIGCINIWE
BAPHAKATHI kuka-15 000 no-20 000 abantu bakwamanye amazwe abasuke bekuleli ngokungemthetho ababuyiselwa emazweni abo ngezindleko zikahulumeni wakuleli ngonyaka.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, ngesikhathi kunesithangami nabezindaba ePitoli izolo.
Lapha ubezokwethula umqulu omusha ongakaphasiswa, ozolawula abasemazweni angaphandle ababhace kuleli , owaziwa ngeWhite Paper on Citizenship , Immigration and Refugee.
Uthe umphakathi unikezwe ithuba lokuthi uphawule ngalo mqulu kuze kube uJanuwari 19 ngonyaka ozayo.
Kulo mqulu uMotsoaledi, uthe uhulumeni ulungisa umthetho okhona olawula ukungena kwabangaphandle kuleli, ukuze kuphele ukuthi kube ikwampunzi edla emini, nokuyinto athe iyenzeka manje ngenxa yemithetho esebenzayo.
Ngokusho kukaMotsoaledi, umthetho osebenzayo manje wawuyisincomo esenziwa abeNhlangano yeZizwe (United Nations)
Uveze nokuthi akazi ukuthi kuyimalini ukubuyiselwa kwaleso sibalo sabantu emakubo kodwa uyazi ukuthi akuyona imali encane.
"Kuningi okungahambi kahle ngenxa yephutha elenzeka ngo-1996 ngesikhathi siqala ukusebenzisa le mithetho. Abantu bangaphandle basuka emazweni akude neNingizimu Afrika, baqale babhace kwamanye amazwe bangazifaki izicelo zokuthi bafuna ukuthatha ubuzwe bakhona,“ kusho uMotsoaledi.
Udalule ukuthi uma laba bantu sebefike eNingizimu Afrika, bafike bafune ukuthatha ubuzwe ngoba basuke sebefunde umthetho othi akekho okumele angavunyelwa uma efuna ukuzobhaca.
“Kuwo wonke amazwe lo mthetho unesigaba esithi uma usufikile zibike ukuthi usungaphakathi, ubaleke ezweni lakho. Izizathu ezikuvumelayo ukuthi ungene kwelinye izwe ungenayo imvume, kuba izinhlekelele nezimpi. Nakukho lokho umthetho uthi uyabika uma usungaphakathi. Kuleli akunjalo , abantu bangena bazihlalele. Akekho owaziyo ukuthi bangaki abantu bakwamanye amazwe abangaphakathi kuleli njengamanje," kusho yena.
Uthe ngesikhathi kubonakala ukuthi lo mthetho unemifantu, ubulokhu uchitshiyelwa okwenza ukuthi abasebenzi bomnyango bagcine nabo sebedidekile.
"Izwe lethu alinothile kodwa ilona kuphela elamukela bonke abantu. Ngikhuluma nje kunezimvume (visa) ezingu-17 abantu bangaphandle abakwazi ukufaka izicelo zazo, kuzo okukhona eyokuvakashela umuntu wangaphandle osebenza kuleli, eyokufunda, eyokusebenza, ekababa noma kamama wengane ofuna ukuzobona ingane, nezinye," kuchaza uMotsoaledi.
Uthe ngalo mqulu omusha kunqandeka nabantu abangena kuleli bethi bangababaleki kanti bazokwenza amabhizinisi okubalwa nokuba nezitolo.
" Uma umuntu esengaphakathi uma enqatshelwa ubuzwe noma ukunikezwa ilungelo lokuthi abhace udlulisa isicelo, nakho okuvumelekile njengamanje . Isicelo ungasidlulisa noma ikangaki. Abantu abahlala kuleli iminyaka eyevile kwengu-10 balokhu bedlulisa izicelo," kuchaza yena.
Related Topics: