Izindaba

‘Ababhala umatric abaqaphele ingcindezi’

Phili Mjoli|Published

ISIKHUNGO esisiza abanengcindezi yomphefumulo iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag), sinxusa abafundi baka-matric ukuthi bakubeke eqhulwini ukunakelela ingqondo yabo njengoba bebhekene nengcindezi yokubhala izivivinyo zokuphela konyaka.

UNkk Vinishaa Gordhan okhulumela iSadag, uthe kubalulekile ukuthi abafundi banakekele ingqondo yabo ngalesi sikhathi ngoba ukungakwenzi lokho kungaba nemiphumela emibi abazohlala nayo isikhathi eside.

"Thatha ikhefu, uphumuze ingqondo ubuye uqhubeke ufunde ," kusho uNkk Gordhan.

Uqhube wathi ezinye izinto ezingafakela abafundi ingcindezi , izifiso zomndeni nalabo abasondelene nabo abafundi ezimayelana nokuthi bafisa ukuthi umfundi aphase kanjani.

“Lokho kungenza umfundi ethuke abe novalo okungaholela ekutheni abe nengcindezi,” kusho uNkk Gordhan.

UThandolwethu Majola ofunda u-matric eWiggins Secondary, uthe nakuba uvalo lukhona kodwa unokuzethemba okumenza angabi nengcindezi enkulu.

"Angizifakeli ingcindezi ngokufunda ubusuku bonke uma ngizobhala ngakusasa. Ngifunda ngokwanele bese ngizinikeza isikhathi sokuphumula ukuze ngingabi nenkinga sengisephepheni. Okunye okungisizayo ukuthi ekhaya bayangeseka, abangifakeli ungcindezi ngemiphumela engizoyithola," kusho uThandolwethu.

Omunye umfundi ofunda eNqabakazulu High, ongathandanga ukuthi igama lakhe lidalulwe, uthe unengcindezi ngoba wathembisa abazali bakhe ukuthi uzophasa kahle, ukuze akhiphe umndeni osizini.

“Kuyenzeka ngingalali izinsuku zilandelana ngifunda ngoba ngifuna ukufeza isithembiso sami. Ngiyakholwa ukuthi ngemfundo ngingakwazi ukushintsha isimo sasekhaya. Ngiyazi ukuthi uma ngingafeyila noma ngingayitholi imiphumela emihle umndeni wonke osubeke ithemba kimi uzophoxeka,” kusho yena.

Abafundi abafisa ukuthola usizo bangashayela ku-0800 567 567.