Izindaba

Kusenzima ukufunda kwabaphila nokukhubazeka

Phili Mjoli|Published

IPHINI likaNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli, uNkk Hendrietta Bogopane-Zulu obekhuluma esigcawini sokucobelelana ngolwazi sabangaboni kahle, ebesibanjwe ngezobuchwepheshe izolo, ebesihlelwe umnyango wakhe Isithombe: SIGCINIWE

KUNZIMA ukuthola isikole esizofunda ingane ekhubazekile nokuholela ekutheni ingane iqale ukufunda seyindala.

Lokhu kushiwo uMnuz Calvin Mogajane ongumbhali ongaboni nesishoshovu esilwela amalungelo abantu abakhubazekile.

UMogajane ubekhuluma esithangamini sokucobelelana ngolwazi esihlelwe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli, sabantu abakhubazekile ebesigxile kwabangaboni nababona luvindi.

UMogajane, uthe ezinye izikole zabakhubazekile ziyabaxosha abafundi uma sebeneminyaka engu-22, zithi sebebadala. Umthetho awusavumi ukuthi babe sezikoleni, kungabe kusabhekwa ukuthi kubathatha isikhathi eside ukuthi bathole izikole ezibafanele ngesikhathi beqala ukufunda.

"Emphakathini abantu abakhubazekile baze babukeke njengabantu abangathandi ukufunda ekubeni uhulumeni ebavulele amathuba, kanti kunezingqinamba ezenza ukuthi umuntu okhubazekile agcine engaqedanga ukufunda. Uma ususesikhungweni semfundo ephakeme nakhona zikhona izinkinga, amanye amanyuvesi awakuhlelele ukufundisa izitshudeni ezikhubazekile. Thina esingaboni sifunda ngokwehlukile kunezinye izitshudeni ezijwayelekile, sibuye singabatholi abazosifundisa abaqonda indlela esifunda ngayo emikhakheni esisuke sifuna ukuyifundela. Mina ngibe nenhlanhla yokuthi eTshwane University of Technology (TUT), bayazama," kusho yena.

Iphini likaNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Hendrietta Bogopane-Zulu, lithe ngokomthetho olawula ukufunda izingane ezikhubazekile kuvumelekile ukuthi umfundi afunde uGrade 1 eneminyaka ewu-10, afunde aze abe neminyaka engu-22 kuya phezulu.

"Ezinye izingane ezinokukhubazeka zihlonzwa sezidlulelwe iminyaka ejwayelekile yokuqala ukufunda ukuthi zikhubazekile, ngezizathu ezehlukene, ezinye zisuke ziqale ezikoleni ezijwayelekile kwatholakala ukuthi ziyahluleka, ezinye zikhubazeka seziqalile ukufunda kudingeke ukuthi ziphume zikoleni ebezifunda kuzo. UMnyango weMfundo eyisiSekelo, unazo izikole ezaziwa ngamaFull Service, ezamukela bonke abafundi nakuba zingeziningi.

Umfundi okuthiwa usemdala angajoyina imfundo yabadala, i-Adult Basic Education and Training (ABET). Ngokomthetho abaphathi balezo zikhungo kuphoqelekile ukuthi babike uma kunomfundi okhubazekile ofuna ukufunda, ukuze enzelwe uhlelo lwakhe. Inkinga enkulu ukuthi imithetho iyashaywa kodwa ayilandelwa,“ kusho uNkk Bogopane-Zulu.

UNkk Gwanakopi Ramashu-Rachuene ongaboni kahle, uthe: "Lapho ngihlala ngakhona ngacela ukuthi uma kwakhiwa emigwaqweni imbozwe imigodi ngoba abantu abangaboni njengami bangalimala. Inkontileka eyayiqashiwe yangibuza ukuthi uma kwakhiwa ekhaya ngenzenjani. Ngayibika kumasipala akuzange kwenziwe lutho namanje basenza okufanayo,"