Izindaba

Kuzojabula abathengi nabashayeli kwehla uphethroli

Simphiwe Ngubane|Published

SIZOKWEHLISA umthwalo emahlombe abathengi nakubashayeli bezimoto isimemezelo sokwehla kwentengo kaphethroli ngoR1.78 ilitha. isithombe: Ian Landsberg/African News Agency (ANA).

SIZOKWEHLISA umthwalo emahlombe abathengi nakubashayeli bezimoto isimemezelo sokwehla kwentengo kaphethroli ngoR1.78 ilitha.

UNgqongqoshe wezokuMbiwaphansi naMandla, uMnuz Gwede Mantashe, uthe uphethroli uzokwehla kusukela phakathi kwamabili namuhla.

UMantashe ubalule ukuthi ilitha kadizili izokwehla ngo-85 cents, upharafini wehle ngoR1.30 cents ilitha.

Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba izolo, uMantashe uthe ushintsho ludalwe ukwehla kwentengo kaphethroli nodizili emhlabeni.

UMantashe uthe kuzoba nomthelela omuhle ukususwa konswinyo obelubhekiswe ezweni iVenezuela yi-USA.

Njengamanje ilitha kaphethroli ibiza uR25.68 esifundazaweni iGauteng manje selizobiza uR23.90.

Ekuqaleni konyaka u-2023 ilitha kaphethroli lalibiza uR21.40 cent eGauteng.

Ukuqina kweRandi uma liqhathaniswa ne-dollar nokwehliswa kwentengo yomphongolo kawoyela ongahluziwe ngezinye zezinto eziholele ekutheni yehle intengo kaphethroli.

Usomnotho uSolwazi Bonke Dumisa, uthe kuyizindaba ezinhle ukwehla kwentengo kaphethroli nodizili.

UDumisa uthe ukwehla kwamandla emali bekugcina sekukhuphula nentengo yezimpahla ezidayiswayo ezitolo.

“Asethembe ukuthi lokhu sekuyisiqalo esisha sokuthi amanani ezinye izimpahla ezitolo azokwehla. Lapha sibala izithelo nemifino nokudla okungaphekiwe okuthuthwa ngamaloli. Lolu hlobo lokudla lugcina selubiza ngenxa yokuthi amaloli akuthuthayo asebenzisa udizili omningi osuke umba eqolo,” kuchaza uDumisa.

Uthe uma abathutha ukudla bedonsa kanzima ngenxa yokubiza kukadizili lokhu bakudlulisela ezitolo zona ezigcina zibizisa ukudla kuzwele kubathengi.

UDumisa uthe elakuleli lithenga uwoyela ongahluziwe emazweni aphesheya kwezilwandle. Uthe intengo yomphongolo ngoSepthemba beyiphezulu kakhulu kodwa manje seyehlile.