Izindaba

Ikhwelo lokuba abesilisa bondle izingane

Simphiwe Ngubane|Published

KWETHULWE uhlelo oluzokwenza abazali ikakhulukazi obaba ukuthi babe yingxenye yokukhuliswa kwezingane zabo. isithombe: Armand Hough/African News Agency(ANA)

KWETHULWE uhlelo oluzokwenza abazali ikakhulukazi obaba ukuthi babe yingxenye yokukhuliswa kwezingane zabo.

Nge-Active Fathers of South Africa kukhuthazwa amadoda ukuthi aqinisekise ukuthi ayazinakekela izingane ngezidingo zazo.

AboMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal neDr JL Dube Foundation bethule lolu hlelo esontweni i-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA) eNanda, eThekwini ngempelasonto.

Umnyango uthe abanye abazali bagcina sebefakwa ezinkantolo ngenxa yokuthi abasazondli izingane zabo.

Kuvele ukuthi ukuxabana kwabazali enye yezinto eziholela ekutheni izingane zingondliwa.

Okhulumela umnyango uMnuz Mhlaba Memela uthe le ngxabano iphetha ngokuthi kube nomzali othatha isinqumo sokungabe esazihlanganisa nengane.

“izingane esike sikhulume nazo zinenkinga yokuthi onina bazo bashintshashintsha abantu abathandana nabo (osingababa). Uthola ukuthi ezinye izingane zihlukunyezwa yibo labo singababa,” kuchaza uMemela.

Uqhube wathi kuze kufke isikhathi lapho izingane zihamba ziyoziphilela impilo yazo okuyimpilo esuke isizifaka ezidakamizweni, emgwaqweni, zenze izinto ezingamukelekile njengobugebengu.

UMemela uveze ukuthi ingane ekhule ihlukumezeka enye iba wumdlwembe, umuntu okwazi ukuthi ukuze akwazi ukuphila nabanye abantu kumele ababambe inkunzi, uyadlwengula noma uyabulala.

Äbanye abasemajele badlule kulesi simo sokungabi nesisekelo esiqinile sasemndenini uma bekhula. Ingane igcina isibukela ebantwini abangalungile ukuthi kumele iphile kanjani,” kusho uMemela.

Umnyango nenhlangano bathi okwabo ukuthi bakhumbuze abantu abangobaba ukuthi babambe iqhaza ekukhuliseni izingane zabo.

Bathe osonhlalakahle babo bazosebenza ngokubambisana nabamabandla nabamahlelo ehlukene emphakathini okubalwa nezikole kushunyayelwa leli vangeli.

UMemela uthe bananohlelo olwaziwa ngeBoys Assembly lapho kufundiswa khona abafana abasebancane indlela okuyiyo yokuphila nokuthi kumele baxhumane kanjani nomuntu wesifazane.

Uthe akufanele umuntu azibulale noma abulale lowo muntu abekade ethandana naye uma ucu lungasahlangani.