IJAJI lidalulele inkantolo ukuthi likuthola kunzima ukufinyelela esigwebeni esifanele ababengamabhungu amabili ecaleni lokushiswa kwephoyisa ngezibhelu eMariannhill ngoJulayi 2021.
IJAJI lidalulele inkantolo ukuthi likuthola kunzima ukufinyelela esigwebeni esifanele ababengamabhungu amabili ecaleni lokushiswa kwephoyisa ngezibhelu eMariannhill ngoJulayi 2021.
Bekulindeleke ukuthi iJaji Carol Sibiya ligwebe uMzikayifani Ndebele noSibusiso Ndlela eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
Kodwa likuhlehlisele uLwesithathu ukugweba lithi kunzima ukuthola isigwebo esifanelele laba ababili eselabalahla ngecala.
UNdebele walahlwa ngecala lokuzama ukubulala umufi, uConstable Zolani Ndlela. UNdlela walahlwa ngecala lokuthumba umufi nelokumbulala.
Ijaji lichaze laba ababili ngabafana abancane futhi libafanisa nofishi abancane. UNdebele wayezohlanganisa iminyaka engu-18 kwenzeka isigameko, uNdlela wayeneminyaka engu-19.
Ijaji libe selibuza umshushisi u-Adv Krishen Shah ukuthi uphi uDuve (esasingadalulwanga isibongo sakhe enkantolo) noMnuz Lungelo Mthembu (ongumzala kaNdebele) ebufakazini obethulelwa inkantolo okwavela ukuthi yibona abangqongqisa umufi nemoto yakhe.
“Iyinselelo kimina eyokuthi yisiphi isigwebo esifanele abamangalelwa ngoba phambi kwami ngibona abafana abancane nje futhi uma ubheka neqhaza labo kuleli cala. Ukube wuDuve noMthembu mhlampe bekungeke kungithathe isikhathi nokuthi ngikhiphe isigwebo sikadilikajele,” kuchaza ijaji.
UShah utshele ijaji ukuthi uMthembu waboshelwa elinye icala eClermont kodwa waphinde waphunyuka akaziwa ukuphi.
Ijaji liveze ukuthi uNdlela kumele asize inkantolo ngemininingwane kaDuve ngoba wayengumngani wakhe futhi babendawonye ngobusuku besigameko, ngoJulayi 13, 2021.
Umehluleli udalule nokuthi ekugcineni uzokhipha isinqumo ngamadoda ayekade eboshwe nabammangalelwa ngonyaka odlule kodwa adedelwa ngoba ayesephenduke ofakazi boMbuso.
Enkantolo bekukhona abazali bakamgilwa kwafundwa nesitatimende sabo esichaza ubunzima nosizi okwadalwa yindlela okwabulawa ngayo umufi nokuthi izingane zakhe zidonsa kanzima.
Bekukhona noyise kaNdlela ongapheli enkantolo uma kuqulwa icala.
Nakuba ofakazi ababili ababizwe ngabamele abamangalelwa bethe laba ababili bafanelwe yisigwebo sokubhadla ejele kodwa uMbuso uthe yize kunjalo kodwa kumele kukhunjulwe ukuthi laba babeyizingane kwehla isigameko.
UShah uhlawumbisele ekutheni uNdlela kumele anikezwe okungenani iminyaka engu-15 ejele. Lokhu kushayisana nodilikajele ofunwa nguMnuz Lizwi Zuma onguyise kamufi.
Related Topics: