Izindaba

Ufuna udilikajele uyise wephoyisa elashiswa

Simphiwe Ngubane|Published

YISIGWEBO sikadilikajele esizomthoba amanxeba uyise wephoyisa elashiswa nemoto eMariannhill ngoJulayi 2021.

UMnuz Lizwi Zuma onguyise kaConstable Zolani Zuma owashiswa neVW Polo yakhe eTshelimnyama, uthe uzobe ekhona enkantolo namuhla.

Uthe ufuna ukuzizwela ngezindlebe zakhe uma iJaji Carol Sibiya leNkantolo eNkulu yaseThekwini ligweba ummangalelwa wokuqala uMzikayifani Ndebele nowesibili uSibusiso Ndlela.

Ngobusuku bangoJulayi 13, 2021 kwehla isigameko uNdebele wayeneminyaka engu-18. Ulahlwe ngecala lokuzama ukubulala.

UNdlela ongummangalelwa wesibili ulahlwe ngecala lokuthumba nelokubulala uZuma kanti wayeneminyaka engu-19 kwehla isigameko.

Phambilini kwaba nokubambezeleka ekukhishweni kwesigwebo ngenxa yokushoda kwemibiko yosonhlalakahle eyandulela ukukhiishwa kwesigwebo.

“Ngokwami ngifisa ukuthi bagwetshwe isigwebo sikadilikajele ukuze sithobeke amanxeba siwumndeni. Kodwa-ke uma inkantolo yenze ngokwayo akukho esingakwenza ngoba wonke umuntu sewaba namalungelo,” kusho uZuma.

Uqhube wathi eyakhe ingane (Zolani) yaqedwa impilo yayo.

UZuma uthe waya kumshushisi eyomchazela ukuthi kumele athungathwe, aboshwe bese eyashushiswa amadoda amabili amagama awo avela kuqulwa icala njengongqondongqondo ekubulaweni kwaleli phoyisa.

Enkantolo kwavela ukuthi uZuma wayengekho emsebenzini, ezigqokele izimpahla zakhe futhi ehamba ngemoto yakhe.

Wehlelwa yilo mshophi ngesikhathi ehubha abantu ababebaleka notshwala babantu ababekade bebutape ndawana thize eMariannhill.

Kuthiwa umufi wadutshulwa uNdebele washaywa nangepayipi eliyinsimbi ekhanda eshaywa umalume kammangalelwa.

Kuvela ukuthi uNdlela namadoda amabili agcwele izinkalo bagqokisa uZuma oplastiki esaphila, bamfaka ebhuthini yemoto yakhe baya naye ndawana thize lapho bamshisela khona washona.