UPHELEZELWE yizinhlamba, kwaba khona nabambhunyela ngamanzi umkambhishobhi osolwa ngokuphinga aze akhulelwe ingane yangaphandle komshado.
UPHELEZELWE yizinhlamba, kwaba khona nabambhunyela ngamanzi umkambhishobhi osolwa ngokuphinga aze akhulelwe ingane yangaphandle komshado.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, unkosikazi ogane umbhishobhi webandla laseMtubatuba, uvukelwe ngamakholwa ngeSonto amxosha ekhala ngokuthi akaziphethe kahle.
Umthombo obukhona ngesikhathi kwenzeka lokhu, uthi umkambhishobhi ungene esontweni ehamba nomyeni wakhe. Kuthiwa unele wangena ngaphakathi endlini yesonto, amakholwa avuka umbhejazane, amxosha kabuhlungu naye waphuma ngesamagundane.
Amakholwa kuthiwa amsola ngokuthi akaziphethe kahle kanti kuvele nokuthi umkambhishobhi ukhulelwe ingane okusolwa ukuthi ngeyomunye wesilisa okhonza khona ebandleni.
Isolezwe Ngempelasonto likhulume naye umkambhishobhi, wavuma ukuthi amakholwa amvukele aze amxosha nasenkonzweni.
"Bangixoshile enkonzweni. Anginankinga nalokho. Okungiphatha kabi kakhulu yindlela abangixoshe ngayo,'' usho kanje.
Ebuzwa ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi ukhulelwe ingane yangaphandle futhi ukhuleliswe ngomunye wesilisa okhona ngaphakathi ebandleni, uthe akathandi ukukhuluma ngezindaba zakhe zangasese.
Umthombo, ongaphakathi ebandleni, uveze ukuthi zimapeketwane izinto ebandleni ngenxa yokuthi amakholwa akhala ngokuphendulwa "upopayi" komholi webandla, abathi kwenziwa ngumkakhe.
UMbhishobhi uthe kuyiqiniso ukuthi amakholwa amxoshile umkakhe esontweni,
wathi kodwa akekho esimweni esikahle sokuthi angakhuluma ngokukhululeka ngalolu daba.
Ebuzwa ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi umkakhe ukhulelwe ingane yangaphandle, uphendule ngokuthi akazi.
Kuvela ukuthi laba ababili osekuphele iminyaka eyisishiyagalombili beshadile, banengane eyodwa yentombazane eneminyaka eyisithupha.
Isolezwe Ngempelasonto likhulume nomfowabo kambhishobhi okhona ebandleni. Ukhale ngokuthi umfowabo kukhona umkakhe amenze khona.
"Mina bhuti ngizokutshela nje iqiniso. Inkulu into lo mama ayifaka kumfowethu. Angazi nokwazi ukuthi kukangaki nje emxolela uma ebanjwa ephingile,'' usho kanjena.
Ulimise ngesihloko elokuthi umkamfowabo kusolwa ukuthi ukhuleliswe ngelinye ibhungu elikhonza ngaphakathi enkonzweni.
"Ngesikhathi simxosha esontweni le nsizwa ikhale kakhulu, yathi asimxoshe kahle kodwa singamshayi ngoba kuzolimala ingane yayo esesiswini. Wake wakuzwaphi nje lokho,''usho kanjena.
Umthombo uthi umkambhishobhi unenyanga eyodwa ekhulelwe, isisu asikabonakali.
Uqhube wathi ikhona enye ingane eneminyaka emithathu umkambhishobhi ayithola ngaphandle komshado kodwa esemganile umbhishobhi.
Umlisa osolwa ngokukhulelisa umkabhishobhi ube wukuzwa ukuthi yintatheli imbuza ngalolu daba, wavele waluvala ucingo engasaphendulanga lutho.
Related Topics: