UNOBHALA we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, umemezele ukuthi bazokuba nombhikisho wokuphikisana ne-Israel Isithombe: SITHUNYELWE
UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal, buzokuba nombhikisho wokuphikisana nezwe i-Israel, njengoba kuqhubeka ukufa kwabantu empini ephakathi kwalelizwe, neHamas.
Umbhikisho we-ANC KwaZulu-Natal uzokuba kusasa eThekwini.
Lokhu kumenyezelwe izolo ngunobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo, obekhuluma nabezindaba.
Imashi ye-ANC izokuba senkabeni yedolobha, izokwesekwa amadlelandawonye iCosatu, SACP, Sanco nezinhlangano zamalungelo abantu.
UMtolo uthe bafuna kuphele ukubulawa kwabantu eGaza. Kusukela kuqubuke impi bangaphezu kuka-5 000 abantu, ababulewe.
“Kule mashi sizokube siyothi ‘abantu basePalestine sebehlukunyezwe ngokwanele’. Siyokuthi sifuna kuphele ukubulawa kwabantu basePalestine. Sifuna ukuthi kube nesixazululo kule mpi. Sizokube siyophikisana nokubulawa kwabantu. Ngeke sithi sikhululekile ekubeni abantu bebulawa nsuku zonke eGaza.”
UMtolo usole i-Israel, ngokuba nochuku, wasola nezikhondlandlakhondla zamazwe ezinjengeMelika ngokuchema nayo. Uqhube wathi bafuna ukuthi inkantolo yamacala omhlaba iphenye iqhaza elibanjwe yi-Israel kule mpi.
“Sifuna ukuthi inhlangano yezizwe i-UN (United Nations) ihambele ePalestine, iyozibonele lenhlekelele eyenzekayo. Sifuna ukuthi bonke abaholi base-Israel, baphenywe. Sifuna bahudulwe ngenkani bayiswe enkantolo yamacala amazwe omhlaba, beyophendula ngokubulawa kwabantu ePalestine.”
UMtolo uthe bafuna nokuthi abantu bakuleli badube izinkampani nezimpahla ezikhiqizwa e-Israel.
“Sifuna ukuthi abantu bangathengi kuzo zonke izitolo zaseWoolworths, ezisesifundazweni. Sifuna nokuthi abantu bayishalazele yonke imikhiqizo eqhamuka e-Israel.”
UMtolo ugxeke iqhaza leHamas kule mpi.
“Izenzo zeHamas azelekeleli nakancane. Thina njenge-ANC asihambisani nodlame. IHamas kufanele ibukele kwi-ANC. Ngesikhathi sobandlululo i-ANC yathatha izikhali. Kuleso sikhathi i-ANC yayingababulali abantu abangenacala, yayilwa nohulumeni wobandlululo. Izenzo zeHamas zokubulala abantu abangenacala zelekelela labo abahambe besabalalisa imfundiso-ze ngale mpi.”
Kusukela kuqale impi miningi imibhikisho ephikisana ne-Israel esibe khona ezweni.
Ngeledlule ubuholi be-ANC kuzwelonke, bube nombhikisho obulibhekise ezindlini zenxusa lakwa-Israel, kanti ngoMsumbuluko i-EFF nayo ibinombhikisho ofanayo.