Izindaba

UMkhwebane ufungiswe njengelungu lePhalamende

Khethukuthula Sangweni|Published

OWAYENGUMVIKELI woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane efungiswa njengelungu lePhalamende le-EFF Isithombe : FACEBOOK/PARIAMENT OF THE REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

USEYILUNGU lelePhalamende le-EFF, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, osanda kuphuma esikhundleni soMvikeli woMphakathi.

U-Adv Mkhwebane ufungiswe izolo eCape Town, kanti ubonakale emamatheka edlubhe umfaniswano weqembu.

U-Adv Mkhwebane wenze okungajwayelekile ephuma esikhundleni sokuba ngumvikeli womphakathi wajoyina iqembu lezepolitiki. I-EFF ibonakala iwola abantu abadumile phakathi kwabo kubalwa uLinda “ Mr Magic’’ Sibiya, owayengumsakazi woKhozi FM. Isanda kujoyinwa nguMnuz Magasela Mzobe, obeyilungu le-ANC eliqavile.

I-EFF yemukela u-Adv Mkhwebane, ithe imfisela okuhle kodwa futhi ijabulela ukuthi unomlando omuhle wokusebenzela uhulumeni. IPhalamende limemezele nalo ngokungena kukaMkhwebane, bafaka nezithombe zabo ekhasini leFacebook.

U-Adv Mkhwebane uphume kabi esikhundleni sakhe waqala ngokumiswa, waphenywa kwagcina kuphuma isinqumo esithi akawulungele umsebenzi.