WENZE okungajwayelekile owesifazane waseJozini, ehlukanisa nomkhwenyana wakhe wase eshada nomfowabo womnyeni. isithombe:Pexels/ Alex Green
WENZE okungajwayelekile owesifazane waseJozini, ehlukanisa nomkhwenyana wakhe wase eshada nomfowabo womnyeni.
UNksz Babazile Mtshali (38) kuthiwa ngempelasonto eyedlule ubophe elikasofasilahlane noMnuz Nkosinathi Mzulwini (49) ekubeni esanda kuhlukanisa noMnuz Mzwandile Mzulwini (51) ongumnewabo omdala.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, umndeni wakwaMzulwini uhlukene phakathi ngenxa yelesi senzo sikamakoti.
Kuthiwa olunye uhlangothi luyamzonda kakhulu umakoti lumchaza njengowesifazane ongaziphethe kahle futhi ohlose ukuqhatha umndeni.
Ngakolunye uhlangothi kuvela ukuthi abanye abangamalungu omndeni wakwaMzulwini bayameseka umakoti njengoba bekholwa ukuthi uMzwandile wayemhlukumeza umakoti.
ISolezwe Ngempelasonto lifakene umlomo noNksz Mtshali wavuma ukuthi njengoba eseshada noNkosinathi nje usanda kuhlukanisa nomfowabo.
Ulimise ngesihloko elokuthi akazisoli ngokuhlukanisa nomfowabo omdala.
Uthe akazisoli nakancane ngalokho njengoba wayengahlalisekile kahle emshadweni ngesikhathi esashade noMzwandile.
Ugcizelele ukuthi uMzwandile kumele azinuke yena amakhwapha ngento emehlele.
"Angithandi bhuti wami ukukhuluma kakhulu ngalolu daba. Kodwa engikwaziyo ukuthi lokhu okwenzekayo akusilona iphutha. Uma uMzwandile enenkinga kukuyena,'' usho kanje.
Lo wesifazane uthe ngesikhathi esashade noMzwandile bekuke kwenzeke ahambe inyanga yonke amshiye emzini wabo angazi nokuthi udleni.
Uthi nalapho bekuze kungenelele uNkosinathi amlekelele. Uthi inhlansi yokuthanda uNkosinathi yakheka kanjalo ngoba ubebakhona ngesikhathi uMzwandile engekho.
Usole uMzwandile nangokucwila kakhulu ezinkambini zikaFaru athe bekumenza angabe esazihlupha nangokumjabulisa ngenkonzo yasekamelweni.
Ngakolunye uhlangothi umncomile uNkosinathi wathi uyazi ukuthi umuntu wesifazane "uyayidinga induku''
Eqhuba usebenzise amagama okuthi uzenzile akakhalelwa kodwa kukhalelwa uzumekile.
ISolezwe Ngempelasonto likhulume noNkosinathi wavuma ukuthi kade ebopha elikasofasilahlane nowesifazane obekade ethandana nomfowabo ngaphambilini.
Wathi ubengaqondile ukubukela phansi umfowabo kodwa konke kwamane kwazenzakalela nje.
Ethintwa uMzwandile umele wacasuka wathi akathandi ukukhuluma kakhulu ngalolu daba.
Watshela intatheli ukuthi uzwile ukuthi bashadile wathi yena ubengekho uyasebenza eGoli angeke aphike nabantu abangaphilile kahle emakhanda.
Related Topics: