Izindaba

Uvunywe ngo-elethu ePhalamende uMvikeli woMphakathi omusha

Mhlengi Shangase|Published

U-Adv Kholeka Gcaleka uvunywe ngo-elethu

KUQHUME ihlombe ngesikhathi uSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ememezela ukuthi uvunywe ngo-elethu uMvikeli woMphakathi omusha u-Adv Kholeka Gcaleka, ukuthi athathe izintambo.

U-Adv Gcaleka uvotelwe ngamalungu angu-244 ePhalamende ukuthi abe nguMvikeli woMphakathi Angu-12 amalungu ePhalamende avotele ukumchitha umvikeli.

Amalungu abevota ngokuthi yebo, noma cha ePhalamende ukuvotela umvikeli omusha omncane kunabo bonke kuleli.

Sekulele kuMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi amkhethe ngokusemthethweni u-Adv Gcaleka (42) esikhundleni.

UNkk Mapisa-Nqakula, uthe iPhalamende liwuphothulile umsebenzi walo ngokuphakamisa u-Adv Gcaleka esikhundleni.

Amaqembu i-ANC, EFF ne-NFP avotele ukuqokwa kuka-Adv Gcaleka kanti amalungu e-DA anqume ukuphuma adube uhlelo.

Kusuke umsindo ngesikhathi ilungu le-DA u-Adv Glynnis Breytenbach, liyalelwa nguSomlomo ukuthi liphume emva kokuba linqabe ukuhoxisa elikusho ngo-Adv Gcaleka.

U-Adv Breytenbach ubephikisa ukuqokwa kuka-Adv Gcaleka emsola ngokuthi waze wanyuselwa esikhundleni esiphezulu ngoba enobudlelwane nowayeyisikhulu sophiko lwezokushushisa i-NPA, u-Adv Menzi Simelane.

Ngesikhathi esho lokhu amanye amalungu e-ANC amhhewulile.

Kusukume uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uNksz Mmamoloko Kubayi, ekhala ngokuthi u-Adv Breytenbach, umsola ngokuthi walala noSimelane ukuze anyuselwe esikhundleni.

UNkk Mapisa-Nqakula umyalele ukuthi axolise u-Adv Breytenbach, kodwa wanqaba, wabe esemyalela ukuthi aphume.

Amalungu e-DA agcine esephuma naye.

Nelungu le-EFF uMnuz Mzwanele Manyi, libize amalungu e-ANC ngamasela, lathi ngeke lihlale lilalele amasela.

Uthe uyakuchitha ukuqokwa kuka-Adv Gcaleka ngoba akasifanele isikhundla.

UNkk Mapisa-Nqakula umyalele ukuthi ahoxise akushilo, kodwa wanqaba, wamyalela ukuthi akaphume.

Ugcine ephumile, wathi ngeke ahlale nosikhotheni.

U-Adv Gcaleka ubebambe njengomvikeli womphakathi emuva kokumiswa kobengumvikeli womphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane, owachithwa yiPhalamende.