Izindaba

I-SAB itshale uR240 million eThekwini

Boniswa Mohale|Published

IMEYA yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ithi kuzogcina imisebenzi yabantu ukunwetshwa kwefemu ye-SAB. Lapha uthathwe nabasebenzi be-SAB Isithombe:THULI DLAMINI

IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda incoma iSouth African Breweries (SAB) ngokutshala u-R204 million ukuthuthukisa ifemu yayo eseProspecton.

Izolo uKaunda ebeyohlola umsebenzi osuwenziwe yi-SAB ukunweba ifemu yayo.

“I-SAB iqashe abantu abangaphezu kuka-500. Siyajabula ukuthi selokhu yafika lapha eProspecton eminyakeni ewu-49 edlule iyaqhubeka nokukhula.

Siyazi ukuthi iphazamiswe yizikhukhula neCovid-19 kodwa ikwazile ukunweba ifemu ukuze igcine imisebenzi yabantu,” kusho uKaunda.

Uthe emuva kwezikhukhula, izibhelu neCovid-19 bebelokhu bexhumana nezinkampani ezihlukene ukuze babone ukuthi ziqhuba kanjani.

“Siyajabula ukuthi i-SAB iyaqhube nokutshala imali eThekwini yize yakhahlanyezwa yizikhukhula. Ikwazile ukunweba ifemu yayo yaqasha abanye abasebenzi abawu-40.

Ngesikhathi kwenziwa lo msebenzi bekuvuleke amanye amathuba omsebenzi. Siyabonga ukuthi kubo bonke lobu bunzima baqinisekisile ukuthi akekho olahlekelwa wumsebenzi,” kusho uKaunda.

UMqondisi we-SAB, uMnuz Nkanyiso Mncwabe uthe bazibophezela ukutshala u-R5.8 billion eNingizimu Afrika kuleyo mali u-R240 million bawusebenzise ukunweba ifemu yabo eseProspecton.

Uthe bayajabula ukwesekwa wuMasipala weTheku owabalekelela ukuthi ngesikhathi sezikhukhula nangezibhelu bakwazi ukugcina imisebenzi yabantu.