ABAFUNDI beSolezwe abawine emncintiswaneni wokuyodla eMojo’s Shisanyama & Carwash baphinde bahlomula ngezipho. Kusuka kwesokunxele ngumhleli weSolezwe uThulani Mbatha, Skhumbuzo Mkhize, Thami Mbhele, imenenja yaseMojo’s uZanele Khumalo, Giba Mkhize noSakhephi Mdima Isithombe: FANELESIBONGE BENGU
NGESIKHATHI abanye bekhala ngemvula ebihambisana namakhaza izolo, abafundi beSolezwe bahlanganyele nabaphathi bephephandaba ukuyozitika ngokudla okufudumele eMojo’s Carwash & Shisanyama eMayville, eThekwini, ngemuva kokuwina emncintswaneni.
Leli phephandaba belinomncintiswano wokuthi abafundi babhale besho ukudla kwesintu abakuthandayo nokuthi kubakhumbuza kuphi. Abawinile bahlomule ngokuyodla isidlo sasemini noMhleli uThulani Mbatha nePhini lakhe uZwelakhe Ngcobo.
Abahlomulile ngoSakhephi Mdima waseNdwedwe, Thami Mbhele waseMnambithi, Giba Mkhize waseNtuzuma noSkhumbuzo Mkhize waseMzinto.
USkhumbuzo uthe ungumfundi wokuqina wephephandaba futhi uzifela kakhulu ngemidwebo kaQap’s Mngadi nezemidlalo.
“Ngithanda ukufunda nangobugebengu ngoba ngikhulele emndenini wamaphoyisa. Ngithe uma ngibona umncintiswano ngathi ngeke ngingawungeneli ngoba ingasekhaya njengoba ngila kwaMas’xha, eThekwini. IMojo’s yindawo engiyaziyo okungangeneki kalula, yizindawo zomntakabani. Ngijabulele ithuba futhi kuqondane nenyanga yami yokuzalwa ngoba ngizohlanganisa iminyaka engu-50,” kusho uMkhize.
UMdima uthe uyazifela ngenyama yenkukhu yasekhaya nedombolo nokuyinto akhule ngayo.
“Yingakho ngingenele umncintiswano. Ngiphume ekhaya ngingadlile ngoba ngazi ukuthi ngiza la. Ngiyalithanda Isolezwe ikakhulukazi ezemidlalo noQekethwayo,” kuchaza yena.
UNgcobo uthe bajabule kakhulu ngokuthi bahlanganyele nabafundi bephephandaba.
“Njengoba saqala eminyakeni engu-20 eyedlule, kuyintokozo enkulu kakhulu ukuthi abafundi bethu sibezwe ukuthi bathini ngoba ngaphandle kwabo ngeke sikwazi ukudondolozela. Kodwa uma abafundi sibezwa, besasithanda nathi sizimisele ukuthi siqhubekele phambili sibaphakele izindaba ezishisayo, ezinhle, ezizobavuselela nezizobenza ukuthi bahlale belithokozela Isolezwe.”
Ubonge iMojo’s wathi uyathemba ukuthi ubudlelwano buzondlondlobala.
Imenenja yaseMojo’s, uZanele Khumalo, ithe kube yinhlanhla kubo ukujoyinwa ngabafundi beSolezwe esidlweni abasibiza ngoMhluzo Monday, esiba njalo ngoMsombuluko. Khona ukhokha uR250 bese udla, kungakhathalele ukuthi uphinda kangaki. Kusuke kudekwe inyama yangaphakathi, i-oxtail, ubhatata namadumbe, isigwaqane, umleqwa, amanqina enkukhu nengulube nokunye.
“Siyathemba ukuthi nani abanye nizofika nizodla ukudla kwesintu njalo ngoMsombuluko nathi,” kusho uZanele.
Owengamele ezokukhangisa kwiSolezwe, uPhumi Mkhize, uthe abafundi abaqhubeke nokuthenga leli phephandaba ngoba ziningi izinto ezinhle abasazobenzela zona.
Related Topics: