UMBUSO uhoxise amacala kubasolwa abathathu ecaleni lokweqa kukaThabo Bester ejele laseMangaung isithombe: @LindA_MniSii/TWITTER
UBUYELE enkantolo namuhla uThabo Bester nasolwa nabo ekwakheni itulo lokweqa kwakhe.
Leli cala bekulindeleke lingene enkantolo ngehora lesishiyagalolunye kodwa lamiswa ngenxa yokungaphili kahle komunye wabasolwa.
Ummeli kaDkt Nandipha Magudumana ongomsolwa wesine, uMachini Motloung, utshele abezindaba ukuthi umuntu amumele uqulekile esiteshini samaphoyisa namhlanje ekuseni.
“Ngizwa ubuhlungu ngokwenzeke kumuntu engimmele njengoba engaphilile. Ngikhuluma nje ulele phansi lapha ezansi. Siyazi sonke ukuthi uma umsolwa engaphilile akezi enkantolo. Kuyishwa lokhu engikubona kwenzeka ukuthi elethwe esesimweni esingesihle ngale ndlela,” kusho uMotloung etshela intatheli yezindaba zethelevishini.
#ThaboBester, his partner #DrNandiphaMagudumana and 10 co-accused are back in the Bloemfontein Magistrate's Court today. @LindA_MniSii speaks to Magudumana's lawyer Machini Motloung on reports that she was forced out of her cell despite not being well.https://t.co/dCQUrmSdBs pic.twitter.com/QgQWNReO0O
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) October 11, 2023
Ngesikhathi abasolwa sebevela enkantolo, kube nokudideka kufika abameli ababili, bezichaza ngokuthi bamele uThabo Bester. Ummeli wakudala ubonakale edidekile, wakhala emantshi ngokuthi akamazi lo ofikayo ngoba yena ubengatshelwanga lutho ngokuxoshwa noma ukumiswa kwakhe.
Imantshi inike uBester ithuba lokuchaza ngale nkiyankiya. Lesi siboshwa sichazele inkantolo ukuthi ngempela laba bobabili bangabameli baso futhi ulindele ukuthi basebenze ngokubambisana ecaleni.
Omunye wabameli bakaBester, uJan Loubser utshele inkantolo ukuthi uzosebenzisana no-Adv Zandile Mshololo.
Kubuye kwavela ukuthi uMbuso uhoxise amacala kubasolwa abathathu kuleli cala. Abasolwa asebadedeliwe nguNastassja Jansen, Thabang Mier noMoeketsi Ramolula.
[BREAKING NEWS] The State has withdrawn charges against three accused in the #ThaboBester escape case. Charges were withdrawn against Nastassja Jansen, Thabang Mier and Moeketsi Ramolula. #NewsLink #DStv403 #QuestionThinkAct' pic.twitter.com/dVQJgPB3c9
— eNCA (@eNCA) October 11, 2023
Related Topics: