Izindaba

Bavuselela ukuzigqaja ngamasiko ebantwini abasha

Phindile Nqumako|Published

UMLINGISI womdlalo weshashalazi uLungisa Zondi, emcimbini wokugubha inyanga yamasiko kwaNgcolosi Isithombe: PHINDILE NQUMAKO

BAGQUGQUZELA uthando lwamasiko ebantwini abasha emcimbini wokusonga inyanga yamasiko ngempelasonto, obusendaweni yokungcebeleka eWushini, KwaNgcolosi.

Umphathi wendawo uMnuz Jerry Pooe, uthe inhloso yabo ngokuhlela umcimbi obizwa ngokuthi iBotho Heritage international festival, ukuthi kuhlangane abantu abasuka ezindaweni ezihlukahlukene ekubalelwa izifunda eGoli, Limpopo nase Bloemfontein, abangamaciko nabafundi ukuze bazi ngemvelaphi yabo.

"Sikhuthaza abantu ukuthi umuntu, ungumuntu ngabantu, nokubaluleka kokuzazi imvelaphi yakho. Uma usuzikhohliwe ukuthi ungubani akukho lula ukuthi ube nenqubekela phambili empilweni. Ngifisa abantu baziqhenye ngamasiko abo nobuntu babo," kusho Pooe.

Omunye wabahambeli bomcimbi uNksz Wandile Zondi, uthe ujabulile ukuba yingxenye yomcimbi ngoba umkhumbuze ngemvelaphi yakhe emidlalweni ebiyenziwa, kusukela ekushayeni kwezinduku kuya emidlalweni yeshashalazi.

"Namhlanje ngivuselekile ukuziqhenya kwami ngokuba um-Afrika," kusho uNksz Zondi.

UNksz Sindi Siletile uthe ngisho nokudla bekumnandi futhi kumkhumbuza ngemvelaphi yakhe.

"Ngisuka eMorningside, yinhle into engiyibone emcimbini ngoba bekukhona wonke umuntu futhi bonke bezigqaja ngamasiko abo," kusho uNksz Siletile.

UJack Mbandlwa ongumlingisi wemidlalo yeshashalazi uthe kuyintokozo ukuba yingxenye yomcimbi kuye ngoba kufundisa umuntu osemncane ngemvelaphi yakhe. "Ngiyakuthanda ukuba lapha ngoba kuyinyanga yamasiko futhi kubalulekile ukuthi sikhumbuzane ukuthi singobani. Sizikhohliwe ukuthi sisuka kuphi, lokho kubonakala nangendlela esigqoka ngayo kanye nesiziphatha ngayo," kusho uMbandlwa.

Umbhali weminye yemidlalo yeshashalazi uSibonelo Hotshe, uthe umdlalo wakhe abewulingisa, noMthokozisi Nyangiwe I-The White Suit in a black suitcase, ukhuluma ngokuthi abantu abanyama abasazazi ukuthi bangobani futhi sebethathe izimfundiso zabamhlophe bazenza ezabo.

"Isukhikhesi elingena lutho phakathi liveza ukuthi asisanalo ulwazi lokuthi singobani futhi isudu elimhlophe liveza ukuthi sesiphila ngezimfundiso nezinto zabantu abamhlophe," kuchaza uHotshe.

ABAFUNDI abahlomulile emidlalweni yasemandulo emcimbini obuqhakambisa amasiko, benothisha babo kwaNgcolosi Isithombe: PHINDILE NQUMAKO
UNKSZ Wandile Zondi, obehambele umcimbi eWushini, kwaNgcolosi Isithombe: PHINDILE NQUMAKO
BEBEZITHOKOZISA emcimbini wamasiko obusendaweni yokungcebeleka eWushini, kwaNgcolosi Isithombe: PHINDILE NQUMAKO