Izindaba

Umonakalo odalwe wumlilo othathe impilo yamasosha ayisithupha

Nonkululeko Nhlapo|Published

ALOKHU engenile amazwi enduduzo ngamasosha ayisithupha adlule emhlabeni ngoLwesihlanu ngenxa yomlilo wequbula

ALOKHU engene amazwi enduduzo ngamasosha ayisithupha adlule emhlabeni ngoLwesihlanu ngenxa yomlilo wequbula.

Umbiko wokuqala ovela embuthweni wamashosa kuleli uveze ukuthi kuqale umlilo wequbula obungalawuleki, ohambe waze wabhebhethekela enkambini yamasosha eLohatla, eNorthern Cape.

Ayisithupha amasosha ashonile, kwalimala kabi abathathu ngenxa yokusha, amanye ahanguleke kancane.

Ngokwesitatimende esikhishwe wumbutho ngeSonto ntambama, amagama abashonile nguStaff Sergeant Abraham Desember Morajane, Staff Sergeant Sipho Berrington Cele, Corporal Sithembiso Wiseman Ndwalane, Corporal Noxolo Faith Ngubane, Lance Corporal Prince Michael Mthethwa noLance Corporal Londiwe Purity Zulu.

“Lawa maqhawe azokhunjulwa ngesibindi sawo, ukuzinikela nomoya wokusebenza kanzima embuthweni. Bazokhunjulwa kakhulu,” kusho isitatimende esithunyelwe kwabezindaba.

UNkk Thandi Modise, onguNgqongqoshe wezoMbutho wokuVikela noMengameli Cyril Ramaphosa badlulise amazwi enduduzo emindenini nakozakwabo bamasosha adlule emhlabeni.