Izindaba

‘Ingadutshwa imitholampilo uma iceba izingane ezikhulelwe’

Phili Mjoli|Published

Umfundi okhulelwe Isithombe Lebohang Mashiloane

UKUBIKWA kwawo wonke amantombazane amancane akhulelwe afike ezikhungweni zezempilo kungaholela ekutheni angalubhadi ezikhungweni zezempilo.

Lokhu kushiwo yisishoshovu samalungelo ezingane esizimele, uNkk Joan van Niekerk, ephawula ngomkhankaso oqalwe ngesinye isishoshovu esivikela amantombazane asemancane, uNksz Kekeletso Khena. UNksz Khena uqale umkhankaso wokuthi abantu bakuleli basayine ukuze kuphoqwe uMnyango wezeMpilo ukuthi ubike wonke amantombazane asemancane afika ezikhungweni zezempilo ekhulelwe. Inhloso yalo mkhankaso ukuthi amaphoyisa aphenye ukuthi ngobani oyise bezingane, okungaholela ekutheni baboshwe uma kutholakala ukuthi badala.

Lo mkhankaso uqondiswe kuNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Joe Phaahla, ukuze akwenze kube yimpoqo ukuthi abasebenzi bezempilo babike wonke amantombazane aneminyaka ephakathi kuka-10 no-19, uma efika ezikhungweni zezempilo ekhulelwe.

UNksz Khena, uthe imithetho, i-Sexual Offences and Related Matters Act ne-Children's Amendment Act, ikubeka ngokusobala ukuthi bonke abasondelene nentombazane encane ekhulelwe kumele babike kubo okubalwa nabasebenzi bezempilo kodwa lokho akwenzeki nokuholela ekutheni zilokhu zikhula izibalo zamantombazane akhulelwa esemancane.

Nyakenye, uMnyango weMfundo eyisiSekelo eNingizimu Afrika usungule umthetho, i-Prevention and Management of Learner Pregnancy in Schools Act, ngenhloso yokuthi kuboshwe abasolwa ngokuya ocansini namantombazane amancane.

"Ngokomthetho, kumele abasebenzi bezempilo babike ukuthi kunentombazane ekhulelwe esencane kodwa futhi kunomthetho wezempilo othi okukhulunywa udokotela nesiguli kuyimfihlo okubuye kudale ukuthi kungabikwa bese abenzi bokubi bephunyuka kanjalo," kusho yena.

Izibalo zeStats SA zika-2022, zikhomba ukuthi amantombazane abaneminyaka ephakathi kuka-10 no-19 akuleli akhulelwe phakathi kukaMashi 2021 no-Ephreli 2022, angaphezulu kuka-99 000.

Izibalo zawo lo nyaka ezikhishwe yinhlangano yezeMpilo eMhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), zikhomba ukuthi emantombazaneni amane aneminyaka ephakathi kuka10-no-19, eyodwa iyakhulelwa ingakabi neminyaka ewu-19.

UNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Phaahla, ephendula ePhalamende ngalo mkhankaso, uthe manje sekuyimpoqo ukuthi abasebenzi bezempilo babike uma kunentombazane eneminyaka ewu-18 kuyaphansi, ekhulelwe efike esikhungweni sezempilo.

UNkk van Niekerk, uthe udaba lokukhulelwa kwamantombazane amancane ludinga ukuthi wonke umuntu abambe iqhaza ngoba ukunikezwa kwabasebenzi bezempilo umthwalo wokuthi babike, kuzokwenza ukuthi amantombazane angabe esaya emitholampilo kanti kubalulekile ukuthi aye.

"Kumanje vele izibalo ezikhona akuzona ngoba inqwaba yamantomabazane uma esekhulelwe awalubhadi esikoleni noma emitholampilo kanti kubalulekile ukuthi aye emitholampilo ngoba sidinga ukuthi aye ekhulelwe noma engakhulelwe," kusho yena.

UNkk Shareen Agnew wePartners in Sexual Health (PSH), uthe inkinga enkulu ukuthi izikhungo zezempilo zakuleli aziwaphathi kahle amantombazane amancane ngoba abuzwa imibuzo eyenza ukuthi agcine esaba ukuya kuzo.

"Into efanele amantombazane asemancane ukuthi angazibandakanyi nocansi kodwa uma eseqalile ukuya ocansini kumele ahlele umndeni ukuze angakhulelwa. Inkinga ekhona emitholampilo ukuthi abasebenzi bezempilo bayawehlulela uma efika khona. EKapa kunomtholampilo ohlelelwe abantu abasha ongaphakathi ebhilidini elinomtapo wolwazi. Kwenza ukuthi umuntu omusha kungabi lula ukuthi kwaziwe ukuthi uya emtholampilo noma emtapweni wolwazi," kusho yena.