AMALUNGU e-ANCYL KwaZulu-Natal abe nombhikisho emahhovisi oMasipala waseMngeni, lapho ayalele ukuba yehle esikhundleni imeya yalo masipala, uMnuz Chris Pappas, ayisola ngenkohlakalo Isithombe: SABELO NSELE
I-ANCYL inezinhloso zokuvulela iMeya yaseMngeni, uMnuz Chris Pappas, icala emaphoyiseni njengoba imsola ngenkohlakalo.
IPhini likaMengameli we-ANCYL, uNksz Phumzile Mgcina, lithe bafuna ukuthi uPappas aphenywe ngamaphoyisa.
Ukusho lokhu ngesikhathi kunombhikisho we-ANCYL emahhovisi oMasipala waseMngeni, lapho khona bebefuna ukuba uPappas ehle esikhundleni.
Abe-ANCYL bafuna ukuthi uPappas ehle esikhundleni emva kokuvela kwezinsolo zokuthi inkampani kamlingani kaPappas engenzi nzuzo, yahlomula emalini yomkhandlu.
UNksz Mgcina uthe bazovula icala emaphoyiseni maduze.
“Ukuvulwa kwecala ikhona okuzosisiza ukuze kuqinisekiswe ukuthi bukhona ngempela lobu bugebengu esithi bukhona. Angithi sihlala eMzansi Afrika lapho khona umuntu eqinisekiswa ezinkantolo ukuthi unecala? Nathi sifuna ukulandela lolo hlelo. Sikhathele abantu abacashe ngesithupha belokhu bethi bahambisa izidingo kubantu kanti badla imali yabakhokhi bentela.”
UNksz Mgcina uthe basazokuba nemibhikisho nakwabanye omasipala baKwaZulu-Natal lapho kunezinsolo zenkohlakalo.
“Sifuna ukuxwayisa labo abazitshela ukuthi bazobhubhudla imali yabakhokhi bentela bese kuyathuleka. Lesi kuseyisiqalo, siyeza eZululand, siyeza eRichards Bay nakwezinye izindawo. Sikhathele abantu abathi yi-ANC ekhohlakele. Nansi i-DA ikhohlakele. Nithini manje? Uma sibhikisha kuthiwa silwa nabelungu. Cha le nto ayihlangene nobuhlanga, silwa nenkohlakalo.”
Umxhumanisi wethimba lesikhashana elihola i-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Mqondisi Duma, uthe bafuna ukuthi uPappas ashenxe esikhundleni ngokushesha.
UDuma uthe bafuna ukuthi kuphenywe wonke amathenda akhishwe wuMasipala waseMngeni kusukela kwangena uPappas.
“Sinxusa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, ukuba uqale uphenyo ngezinsolo ezibhekene noPappas. Sinxusa nehhovisi loMvikeli woMphakathi ukuba lusheshise uphenyo lwayo.”
Imashi ye-ANC yesekwe yi-ANC KwaZulu-Natal ebimelwe yilungu lesigungu esiphezulu, uMnuz Vincent “Masenti” Myeni neSACP esifundeni iHarry Gwala ebimelwe unobhala wayo, uMnuz Mazwi Ngubane.
Ezokuphepha beziqinile edolobheni laseHowick ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho. Akuzange kube khona izigameko zodlame.
Ababhikishi kabazange bamvumele uSomlomo womkhandlu waseMngeni, uNksz Janis Holmes, ukuba akhulume nabo emva kokuthi amukele izikhalazo zabo.
Ekhuluma nabezindaba emva kokwamukela uhlu lwezikhalazao, uNksz Holmes uthe kubadumazile ukuqhubeka kombhikisho we-ANCYL.
“Lo mbhikisho uphazamise ezomnotho edolobheni lakithi. Okubi ukuthi lolu bekuwusuku olumatasa njengoba bekuholwa izibonelelo zezingane.”
UNksz Holmes uthe izinsolo ezibekwa uPappas azinasisekelo.
UPappas ubhale ezinkundleni zokuxhumana wakhombisa ukuwenza ihlaya umbhikisho we-ANCYL.
Ubhale ukuthi uyezwa ukuthi kunabantu abafuna ukumbopha, wase ebuza ukuthi ukhona yini oseke wababona labo bantu?
Kuvela ukuthi ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho, uPappas ubengekho eMngeni kepha ebeseThekwini lapho khona ebenengxoxo nabezindaba.
Related Topics: