UFALAKHE Nkosi (17) ungomunye wabashone beya emshadweni engozini yeloli eMbathane, e-Utrecht, ngeSonto Isithombe: Sithunyelwe
IKHANSELA libikelwe ngengozi ebhubhise abagibeli abayisishiyagalombili nokuthe uma liphuthuma endaweni yesigameko kanti lizofica omunye wabashonile kungumshana walo obengumfundi.
Ikhansela lakuMasipala waseMadlangeni, uMnuz Njabulo Nkosi ongumalume kaFalakhe Nkosi (17) obengumfundi kaGrade 9, eGroenvlei Combined, lisole umshayeli weloli elithe ubelayishe ngokweqile.
Kusolakala ukuthi liphelelwe amabhuleki iloli eligingqikile labulala abantu abebeya emshadweni seliseMbathani (Hatang), eMadlangeni (Utrecht) ngesikabhadakazi ngeSonto.
Kuthiwa ngoMgqibelo, bekukade kunomshado kubo kwamakoti eGroenvlei, kwathi kusihlwa amabombo abhekiswa kubo kwamkhwenyana eNgodini, kuyoqedelelwa khona umshado ngeSonto.
Kuthiwa abantu ababalelwa ku-54 babe segibela elolini elihambe ngomgwaqo oyibhuqu futhi ongumqansa.
Lo mqansa uphinde ube nomehlelo nokuyilapho kwenzeke khona isibhicongo.
UNkosi uthe ushayelwe ucingo njengekhansela kuthiwa akayobheka lapho kwehle khona isigameko kanti uzofica isidumbu somshana wakhe.
“Ngifike endaweni yesigameko isihlobo sami sesidlulile emhlabeni. Kunomndeni oshonelwe umama nobaba wekhaya osekusele kuwo ugogo. Okubi ukuthi laba bantu abangaphezu kuka-50, bebelayishwe elolini eliwu-4 tone. Kukhona ubudedengu obubekhona. Abanikazi beloli abavele phela nabo, kubuye ubuntu, kubanjiswane kungasale sekuba izindleko zabashonelwe bodwa,” kuchaza uNkosi ethi beliqashiwe iloli lesibhicongo.
Namuhla kuzoba nenkonzo yokukhumbula abashonile ngasesikoleni eMbathani ku-ward 6.
Kulindeleke ukuthi izinyaziswe nguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer nowezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza nobuholi bukamasipala.
IMeya yaseMadlangeni, uMnuz Mzwakhe Buthelezi, ithe abalimalile baphuthunyiswe ezibhedlela eMadadeni, eNewcastle nesase-Utrecht. Iningi labo lishayeke emakhanda abanye baphuka.
UButhelezi uthe abantu abayisithupha babhubhele endaweni yesigameko, oyedwa washonela esibhedlela. Omunye wabagibeli ushone ngoLwesibili.
Kwabashonile kukhona nabafundi abane, abaneminyaka ephakathi kuka-14 nengu-17, basesikoleni iGroenvlei Combined (eMbathani)
“Sikhalisana nemindeni eshonelwe nelinyalelwe izihlobo. Kunemindeni edonsa kanzima udaba lwayo esilusukumelile siwumasipala futhi esizolubika eMnyangweni wezokuThutha naseHhovisi likaNdunankulu ukuze ingcwatshelwe izihlobo zayo,” kusho uButhelezi.
Related Topics: