UBEBUKEKA edangele futhi umoya wakhe uphansi engena enkantolo obekade eyikhansela le-ANC eThekwini, okhishwe esikhundleni ngesonto eledlule ngenxa yokuboshelwa icala lokubulala uzakwabo.
Ummangalelwa uMnuz Mzimuni “Mzi” Ngiba uvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini emuva kokubhadla ejele kusukela ngoMeyi 2022.
Usolwa ngokubulala ngokudubula owanqoba ukhetho lwase-ward 101 eThekwini, uMnuz Siyabonga Mkhize nozakwabo kwi-ANC, uMnuz Mzukisi Nyanga.
UNgiba ubevele phambi kweJaji ZP Nkosi. Bekulindeleke ukuthi kwenziwe izendlalelo zokuqala kokuqulwa kwecala, okubekelwe u-Ephreli 2024 kodwa okugcine kungenzekanga.
Ngokujwayelekile uma engena enkantolo, uNgiba uvame ukuqhamuka ngezitebhisi ezisuka ezitokisini, uma ethi cababa enkantolo aqalaze abantu abasuke bezomeseka amamatheke, kwesinye isikhathi aze abingelele ngesandla.
Kodwa izolo uvele wabancisha amehlo abebezomeseka, elokhu ehlome ikhanda phansi egibela ebhokisini labasolwa nangesikhathi esebuyela emumva.
Enkantolo umshushisi u-Adv Elvis Gcweka, ucele uNkosi ukuthi akuhlehlisele uNovemba 6 lolu hlelo ngoba uNgiba naboshwe nabo bayaqhubeka nokulwela ukukhululwa ejele ngebheyili.
UGcweka utshele inkantolo ukuthi abamangalelwa bazofaka isicelo sebheyili kabusha, begadla ngamaphuzu amasha. Abamele abamangalelwa bavumelene nesicelo sikaGcweka nangosuku.
Nebala uNkosi ulihlehlisile icala, wathi uyathemba ukuthi mhlazane kushaya usuku kuyobe sekuphothuliwe ngebheyili, bese kudingidwa ezithinta ukuqulwa kwecala.
Ngonyaka owedlule inkantolo yabanqabela ibheyili abamangalelwa abahlanu, okungoMnuz Nkosinathi Ngcobo, Sandile Mzizi, Ngiba, Sifiso Mlondo noPhathesakhe Ngiba oyisihlobo sikaNgiba.
Basuswa ejele eWestville bayogqunywa kweliseKokstad elaziwa ngokuthi kuseBongweni eligadwe ukuwedlula wonke eNingizimu Afrika. Lokhu kwenziwa emuva kokuthi uNgiba etholwe nocingo esitokisini.
Sachithwa yinkantolo isicelo sabo sokubuyiselwa eWestville, bekhala ngobude bendlela uma beya noma bebuya enkantolo, bethi izihlobo nabameli abakwazi ukubavakashela ngoba kuphela isikhathi sezivakashi besagcwalisa imininingwane esangweni lasejele abagcinwe kulona.
Ngesonto eledlule uMasipala waseThekwini uvotele ukuthi akhishwe esikhundleni uNgiba.
UMbuso ubathwese icala lokuhlela ukubulala, amabili okubulala, amabili okuzama ukubulala nawokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Bawaphika wonke amacala abathweswe wona.
Kusolakala ukuthi babulala ngokudubula abafi, balimaza ababekade besemotweni nabagilwa ngo-Okthoba 2021 eCato Crest, eThekwini ngesikhathi bekhankasela ukhetho lwamakhansela olwaluzoba ngoNovemba 2021.
Related Topics: