Izindaba

Kumapeketwane uthishanhloko ehola ehleli ekhaya

Phindile Nqumako|Published

ISIKOLE iNyakaza Primary esiseNquthu, osekuphele iminyaka emibili uthishanhloko waso engalubhadi khona Isithombe: SITHUNYELWE

BAKHATHAZEKILE abazali bezingane ezifunda esikoleni iNyakaza Primary eNquthu, osekuyophela unyaka uthishanhloko waso engalubhadi esikoleni ngenxa yokwesaba ukwenzaliswa.

UNksz Khanyisile Xulu, oyilungu lesigungu esengamele ukuphathwa kwesikole, uthe ucabanga ukuthi okwaholela ekutheni uthishomkhulu ahlale ekhaya wukuthi ngesikhathi kuqashwa abalekelela othisha, kunobhubhane iCovid-19, kwaqashwa abantu abasuka kwezinye izigodi.

Uthe bambuza uthishomkhulu ukuthi kwenziwa yini ukuthi kungaqashwa abasuka endaweni ngoba bakhona futhi bafundile, waduba lapho wahlala ekhaya kusukela ngoDisemba 2022.

“Uma ebuzwa ukuthi uzobuya yini esikoleni, wathi akaziboni ebuyela eNyakaza ngoba wasongelwa. Sathi ngoba usongeliwe akahambe avulele lowo muntu icala emaphoyiseni, noma asitshele ukuthi wubani lowo kodwa akasho,” kusho uNksz Xulu.

Uveze ukuthi kulesi sikhathi uthishanhloko ehleli ekhaya kodwa engasulile esikhundleni sakhe, kukwamachanca esikoleni.

“Othisha bangena ngo-9 ekuseni, kufe amawindi nezinsiza zokusebenza azikho nokudla okuphekelwa abafundi akusekho,” kusho uNksz Xulu.

Omunye oyilungu lomphakathi, uNksz Nokuthula Gwala, uthe babone sekufika uthisha omusha ngaphandle kokufakwa kwesikhangiso somsebenzi, yize bekukhona ibamba lenhloko yomnyango.

“Uthisha owayebambe lesi sikhala iminyaka akazange aziswe ngokuthi sekuyisikhathi sokubhalisela umsebenzi. Ngisho nomhloli akazange amuchazele ngalokhu, noma esebuza ukuthi lona oyi-HOD omusha (oyinhloko yomnyango) uqashwe kanjani uthishomkhulu wathi akazi,” kusho uNksz Gwala.

Omunye oyilungu lomphakathi, uNksz Mathuli Xulu uveze uthe ukhathazekile ngezinga lemfundo kulesi sikole ngoba uma uthisha engekho kufundisa umsizi wasehhovisi phezu kokuba engakufundele ukuba wuthisha.

UNksz Snamile Nkosi uthe ufisa ukuthi uthishomkhulu abuyele esikoleni kodwa uma engasafuni ukubuya asule, ukuze kungene omunye ozosiphatha ngendlela efanele.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi uthe kuzothunyelwa umhloli kulesi sikole ukuze angenele.