Izindaba

Luyaqala uhlelo lokucishwa kwamanzi eGauteng

Nonkululeko Nhlapo|Published

LUYAQALA uhlelo lokucishwa kwamanzi eGauteng

UNGQONGQOSHE wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle, uMnuz Senzo Mchunu, ugcizelele ukuthi uhlelo lokunqanyulwa-konga amanzi eGauteng, lungolwesikhashana ukuze kutholwe isisombuluko senkinga yamanzi kulesi sifundazwe.

Lokhu kuvele ngemuva komhlangano walo ngqongqoshe, ubuholi beRand Water noMasipala waseGoli.

Isinesikhathi eside inkinga yamanzi eGauteng, kanti abeRand Water sebezama amasu okugcina izakhamuzi zithola umthobanhliziyo ngesikhathi kulungiswa amapayipi anenkinga.

Kusukela ekuqaleni kwenyanga edlule, izindawo ebezinenkinga yamanzi yiSouth Hill, Ekurhuleni, Mooikloof, Waterkloof Ridge, Akasia, Soshanguve, Mabopane naseKirkney.

Kuthiwa kulolu hlelo olusha kuthinteka nezindawo ezifana neSandton, Hyde Park ne-Alexander.

UMchunu unxuse abeRand Water ukuthi ngesikhathi beluqala lolu hlelo kumele baqinisekise ukuthi bacaphuna kwimizila engekho matasa kakhulu ukuphakela leyo esebenza ngokweqile.

UMakenosi Maroo okhulumela abeRand Water uthe umyalelo kangqongqoshe ngalolu hlelo uzwakele njengoba luzobasiza balinganise kahle ukusebenza kwamanzi.

“Ingqikithi yohlelo ukuthatha amanzi ezindaweni lapho engasebenzi khona kakhulu ayiswe ezindaweni lapho edingeka khona kakhulu ukuqinisekisa ukuthi omasipala nezakhamuzi bawathola okulingeneyo,” kusho yena.