KUPHAZAMISEKE izinhlelo zokungcwaba izingane ezinhlanu ezasha zangqongqa emkhukhwini onina beyojuxuza.: Ekaterina Bolovtsova/Pexels
KUPHAZAMISEKE izinhlelo zokungcwaba izingane ezinhlanu ezasha zangqongqa emkhukhwini onina beyojuxuza.
Lesi sigameko senzeka ngezintatha zangomhla ka-28 Agasti sashiya abantu abaningi endaweni yase-Itireleng eLaudium eTshwane bekhungathekile.
Izelamani ezimbili zakhiyela izingane zazo ezinhlanu emkhukhwini owodwa zanikela ejoyintini eliseduze ziyongcebeleka.
Lesi senzo kasibanga nesiphetho esihle ngoba kwasala kungqonga imikhukhu, okubalwa kuwo nowabo owawulele izingane zabo.
UMnuz Charles Mabaso okhulumela uMnyango weZimo eziPhuthumayo kuMasipala waseTshwane, watshela abezindaba ukuthi babizelwa kule ndawo ngamalungu omphakathi ekhala ngomlilo owawuqubuke emijondolo esendaweni.
"Abezicishamlilo bathola umbiko ngemikhukhu eshayo endaweni yase-Itireleng. Befika kule ndawo bathola ukuthi mithathu imikhukhu eshayo.
“Ngesikhathi sekuhlolwa isimo nomonakalo ngemuva kokucishwa komlilo, ithimba lithole izidumbu ezinhlanu zezingane. Bekungabafana abathathu abaneminyaka emibili, emine neyisithupha namantombazane amabili abeneminyaka eyisikhombisa nenye enonyaka nezinyanga ezinhlanu.
Onina bezingane, okunguLindiwe Machaka 39, noZanele Machaka 37, baboshwa ngosuku lwesigameko babekwa macala okubulala ngokungenhloso.
NgoLwesine, bavele eNkantolo yeMantshi e-Atteridgeville lapho befake isicelo sebheyili futhi saphumelela.
Banikezwe ibheyili kaR5000 kodwa ngeshwa, kabakwazanga ukuhlanganisa leyo mali okuphoqe ukuthi babuyele esitokisini.
Ukuhluleka kwabo ukukhokha ibheyili kuphazamise imindeni yabo neyoyise bezingane ngoba bekuhlelwe ukuthi izingane zingcwatshwe ngale mpelasonto.
Kuphele usuku lwangoLwesihlanu kulindwe incwadi evela eMnyangweni wokuHlunyeleliswa kweziMilo ozogunyaza izelamani ukuba zikwazi ukuya ekhaya ziyongcwaba izingane zazo.
Related Topics: