Izindaba

Avaliwe amabhishi emva komonakalo odalwe ngamagagasi

Nonkululeko Nhlapo|Published

ISIMO sezulu besingesihle ezindaweni eziningi kule mpelasonto, kodwa abaningi bamangele ngomonakalo odalwe ngamagagasi olwandle oluseGarden Route.

Yize bekushisa futhi kungekho okuthusayo osukwini, amabhishi amaningi ezindaweni zaseGeorge eWestern Cape avaliwe okwesikhashana ngenxa yamagagasi amakhulu.

NgoMgqibelo ntambama, uMasipala waseGeorge ukhiphe umyalelo othi abantu bangayi emabhishi avaliwe ngoba amagagasi anamandla.

Lesi sixwayiso singene kahle emiqondweni yabantu bakule ndawo sekubonakala amavidiyo afakwa ezinkundleni zokuxhumana eveza umonakalo odaleke eHerold’s Bay lapho igagasi ligugule izimoto emgwaqweni layobhajwa odongeni lomuzi okugcine kukhumuka kuwo isango. Nabantu abebehamba emgwaqweni kule ndawo bazithole sebentanta emanzini nezimoto ezimbili ebezipake onqenqemeni lolwandle.

Abezimo eziphuthumayo basebenze kanzima ukutakula izakhamuzi eHerold’s Bay naseVictoria Bay ngoMgqibelo ebusuku kanti naseDie Poort eMossel Bay, izakhamuzi zakhona bezikhala zingashayiwe ngenxa yamagagasi enza okungajwayelekile kulezi zindawo ezithandwa kakhulu yizivakashi.

EGordon’s Bay kusinde abebephezulu ezitezi ngoba izimoto ebezisemgwaqweni nezindawo zokudla zikhahlamezeke kakhulu ngalokhu. Okwamanje bekungakabikwa lutho ngemiphefumulo ephangalele noma abamuke nolwandle.