U-CONSTABLE Zolani Zuma (32) owadutshulwa maqede washiswa nemoto yakhe eTshelimnyama eMariannhill, ngoJulayi 2021 Isithombe: Sigciniwe
USEPHILA ngamaphilisi uyise wephoyisa elabulawa ngokushiswa ngemoto yalo eMariannhill, ngoJulayi 2021.
UMnuz Nkosinathi Zuma onguyise kamufi, uConstable Zolani Zuma (32) uthi ukuze alale ebusuku sekuze kudingeke aphuze amaphilisi ngenxa yokuhluleka ukwamukela lesi simo.
“Kubuhlungu kakhulu nomndeni ubumkhonzile kakhulu njengoba ngize ngedwa nje namhlanje yingoba uma bezile lapha bavele bagule. Ngikwazile ukuthi ngibekezele kodwa nami ebusuku ngisizwa amaphilisi ukuze ngilale,’’ usho kanje.
Izolo, bekulindeleke ukuthi iJaji uCarol Sibiya akhiphe isinqumo sokuthi ngabe liyabalahla ngecala noma libakhipha phambili oMnuz Mzikayifani Ndebele benoSibusiso Ndlela.
UNdebele owayeneminyaka engu-18 kwenzeka isigameko uthweswe amacala amabili okuzama ukubulala. UNdlela uthweswe icala lokuthumba nelokubulala, ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-19.
Ijaji lixolisile lathi ngenxa yokuxinwa ngamanye amacala ngeke likwazi ukubhekana naleli cala izolo.
Libe selinquma usuku lwangoLwesine (kusasa) ukuthi likhiphe ngaso isinqumo. Azimphathangaka kahle lezi zindaba uZuma.
Uthe uphatheke kabuhlungu ngokungaphumi kwesinqumo izolo. Ukhale ngokuthi usuka kude eMtubatuba, esebenzisa imali ukuze afinyelele eThekwini.
UZuma uphinde wazwakalisa ukungaphatheki kahle ngokushiwo ngofakazi enkantolo ekhala ngokuthi akabakholwa.
“Angiyikholwa nje yonke le nto abayishoyo (ofakazi enkantolo), umfana wami wayeqinile ukuthi wayengaze abanjwe yila bafana (abamangalelwa) bamphuce isibhamu. Ukuthi wayengaze abanjwe bamphuce nesibhamu. Kuningi esingakwazi nokufihliwe,’’ kusho ubaba kamufi naye oyiphoyisa.
Uthe kumele ngabe bonke abahlanu ababoshwa bagqigqa inkantolo ngoba kunenkombankombane kulabo ababili ababoshiwe nabathathu abadedelwa ngamaphoyisa baphenduka ofakazi boMbuso.
Uthe bazomkhumbula ngenhlonipho abekade enayo umufi futhi ethandwa yiwona wonke umuntu emndenini wakhe. Umufi washiya emhlabeni izingane ezimbili zabafana manje ezineminyaka engu-11 nemithathu.
Umufi wasebenza kusukela ngo-2016 ophikweni iPublic Order Policing (POP) ehlala nonina eSavannah Park, eMariannhill.
Wadutshulewa eTshelimnyama ngobusuku bangoJulayi 13, ngesikhathi somtapo.
UNdebele wavuma ukuthi nguyena owadubula uZuma amahlandla amabili, emuva kokushaywa ngepayipi lensimbi ekhanda wumalume wakhe uNkosenhle Mthembu (43).
Umzala kaNdebele, uMnuz Nzuzo Mngadi, watshela inkantolo ukuthi nguye benoNdlela abagqokisa oplastiki badodi uZuma owayekade opha kodwa esaphila bamfaka ebhuthini yemoto yakhe.
Kuthiwa uNdlela wahamba nendodana kaMthembu, uLungelo, Duve noSiyanda (ezingashiwongo izibongo zabo enkantolo) baya lapho okwafike uDuve washisa khona imoto.
Related Topics: