Izindaba

Ukhuza abadelela uShenge kwezokuxhumana

Sizwe Blose|Published

Inkosi Mangosuthu Buthelezi okhothame ngoMgqibelo ezintatha Isithombe: PATRICK MTOLO

UMengameli we-IFP usephumele obala wakhuza labo abadelela amagalelo oMntwana waKwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi, odlule emhlabeni ngoMgqibelo ekuseni.

UMnuz Velenkosini Hlabisa, ekhuluma kwezinye zezinhlelo zethelevishini, esemzini kaShenge eMahlabathini, uthe njengeqembu le-IFP bayayibona eminye yemibhalo engemihle ngomlando kaShenge, edamane ivela ezinkundleni zokuxhumana.

“Siyanxusa kulabo abenza lokhu ukuthi bakuyeke,” kusho uMengameli we-IFP.

Kukhona obhale ezinkundleni zokuxhumana wathi uShenge ubengayena uMntwana kodwa unina owazalwa ebukhosini, hhayi yena.

Bakhona nalabo abagxeka uMntwana waKwaPhindangene neqembu iNkatha ngokufa kwenqwaba yabantu ngesikhathi kunodlame lwezepolitiki ngeminyaka yo-1980 nango-1990 kukapakela nakuma-2000.

Abanye bebemhlanganisa nohulumeni wamabhunu bethi wayesebenzela wona.

Inkosi Mangosuthu Buthelezi okhothame ngoMgqibelo ezintatha Isithombe: PATRICK MTOLO

Ephawula uMnuz Tony Leon ngoShenge, uthe wayenobuchule bokusebenzisana nohulumeni wezikhathi zobandlululo aphinde akwazi nokuxhumana nabanye babaholi be-ANC njengoba naye eke waba yilungu layo.