Izindaba

Babambisene osomabhizinisi bakuleli nabokufika

Boniswa Mohale|Published

UDkt Paul Kariuki uthi kubalulekile ukuthi osomabhizinisi bakuleli nabokufika basebenzisane ukuze kuliwe nenkinga yokucwaswa kwabokufika ebilokhu ivumbuka Isithombe:Sithunyelwe

BAFUNDE ukuthenga ndawonye ukuze bathole izaphulelo osomabhizinisi bakuleli abebeyingxenye yohlelo olubizwa nge-The Migration Project olwenziwa yiDemocracy Development Program (DDP).

Lo luhlelo lwasungulwa wuDkt Paul Kariuki onguMqondisi we-DDP ngoxhaso lwe-European Union (EU) neKonrad Adeneur Stiftung.

UDkt Kairuki uthe weza neMigration Project emuva kwezigameko zokuhlaselwa kwabokufika, inhloso yakhe kwakuwukuza nesisombululo esizohlomulisa zonke izinhlaka.

“Ngesikhathi kuqubuka izigameko zokuhlaselwa kwabokufika ngabona ukuthi kudingeka isisombululo esizosebenza isikhathi eside.

“Uma siphenya sathola ukuthi isisusa sokuhlaselwa kwabokufika sithinta ukungatholi amathuba omnotho nezinye izinsiza. Sibe sesiza nalo luhlelo oluhlanganisa osomabhizinisi abancane bokufika nabakuleli,” kusho uDkt Kairuki.

UMnuz Patient Bagaya ongusomabhizinisi wokufika osebenzela eSiphingo, uthi emuva kokubulawa komfowabo ngo-2019 wayesesaba ukuhlala kuleli kodwa uhlelo lwe-The Migration Project lwamsiza ukuthi asebenzisane nabanye osomabhizinisi bakuleli Isithombe:Sithunyelwe

Lo luhlelo lwaqala ngoNovemba ka-2020 kanti luyaphela kulo nyaka.

UMnuz Bheki Khomo ongusomabhizinisi omncane onesitolo eSiphingo, uthe ekuqaleni babenomona nabokufika bebebamonela ukuthi ngabe benza ngani ukuthi izitolo zabo zihlale zigcwele abantu.

“Ngesikhathi sesiqeqeshwa kwi-The Migration Project ngathola ukuthi abafowethu bokufika bathenga ngokuhlanganyela mhlawumbe babe yizitolo ezinhlanu.

“Lokhu kuyabasiza ukuthi bathole izaphulelo bese bekwazi ukudayisa impahla ngentengo engambi eqolo. Ngifundile ukuthi kubalulekile ukusebenzisana,” kusho uKhomo.

Uthe okumnandi wukuthi sebeyakwazi ukuhlangana bengosomabhizinisi bacobelelane ngamasu azobayisa phambili.

UMnuz Patient Bagaya onebhizinisi lokugunda izinwele eSiphingo uthe umfowabo wabulawa ngabantu ababengabafuni abokufika kuleli ngo-2019 kanti emuva kwaleso sigameko wayesebasaba abantu bakuleli.

“Ukufika kohlelo lwe-The Migration Project kwakungisiza ngoba ngangisathandi ngisho nokukhuluma nabantu baseNingizimu Afrika.

“Lo luhlelo lwangisiza ukuthi ngikwazi ukukhuluma nabantu abasiqondayo isimo sami futhi lwangixhumanisa nabanye osomabhizinisi abancane bakuleli. Njengamanje siyazwana futhi siyasebenzisana,” kusho uBagaya.

Uthe imali ewu-R400 akade beyithola ngokuqeqeshwa ngaphansi kweThe Migration Project ukwazile ukuthenga ngayo eminye imishini emine emsizayo ukuthi avule amathuba omsebenzi, andise nemali engena ebhizinisini lakhe.

UMnuz Gregor Jaecke weKonrad Adenauer Stiftung uthe bayazithanda izinhlelo ezilwa nokucwaswa kwabantu bokufika, ezigqugquzela intando yabantu nokuhlonishwa kwamalungelo.

Ugqugquzele osomabhizinisi ngokukhulisa izinkampani zabo ukuze balwe nenkinga yokusweleka kwemisebenzi ekhungethe iNingizimu Afrika.